KwabaseRoma 16:1-27

  • UPawulu wethula uFibhi, isikhonzi (1, 2)

  • Imikhonzo eya kumaKristu aseRoma (3-16)

  • Isixwayiso ngokwahlukana (17-20)

  • Imikhonzo evela ezisebenzini ezikanye noPawulu (21-24)

  • Imfihlo engcwele isiyaziwa (25-27)

16  Ngethula* uFibhi kini, udadewethu, oyisikhonzi sebandla eliseKenikreya, +  ukuze nimamukele eNkosini ngendlela efanele abangcwele, nokuba nimsize nganoma yini ayidingayo, + ngoba waba umvikeli wabaningi, kuhlanganise nami.  Ngikhonzeleni kuPriska no-Akhwila, + izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu,  abaye bafaka ukuphila kwabo engozini ngenxa yami, *+ nengibabongayo, kungemina kuphela kodwa nawo wonke amabandla ezizwe.  Nikhonze nasebandleni elihlangana endlini yabo. + Khonzani ku-Ephenetu wami othandekayo, ophakathi kwabokuqala ababa abalandeli bakaKristu e-Asiya.  Khonzani kuMariya, osebenze kanzima ngenxa yenu.  Khonzani ku-Anidroniku noJuniya, izihlobo zami + neziboshwa ezaziboshwe kanye nami, abangamadoda aziwayo phakathi kwabaphostoli futhi abaye baba nobunye noKristu isikhathi eside kunami.  Ngikhonzeleni ku-Ampiliyatu, othandekayo wami eNkosini.  Khonzani ku-Urbhanu, isisebenzi esikanye nathi kuKristu, nakuStaku wami othandekayo. 10  Khonzani ku-Aphele, owamukelekayo kuKristu. Khonzani kulabo abasendlini ka-Arisitobulu. 11  Khonzani kuHerodiyone isihlobo sami. Khonzani kulabo abasendlini kaNarkisu abaseNkosini. 12  Khonzani kuTrifina noTrifosa, abesifazane abasebenza kanzima eNkosini. Khonzani kuPersisi, othandekayo wethu, ngoba uye wasebenza kanzima eNkosini. 13  Khonzani kuRufu, lowo okhethwe iNkosi, nakumama wakhe ongumama nakimi. 14  Khonzani ku-Asinkiritu, kuFilegu, kuHerme, kuPhatroba, kuHerma, nakubazalwane abanabo. 15  Khonzani kuFilologu noJuliya, kuNerewu nodadewabo, naku-Olimpa, nakubo bonke abangcwele abanabo. 16  Bingelelanani ngokuqabulana okungcwele.* Wonke amabandla kaKristu ayakhonza kini. 17  Manje ngiyanincenga bazalwane, ukuba niqaphele labo ababangela ukuhlukana nababangela ukukhubeka, okuyinto ephambene nemfundiso eniyifundile, nibagweme. + 18  Ngoba amadoda alolo hlobo ayizigqila, hhayi zeNkosi yethu uKristu, kodwa zezifiso* zawo, futhi ngenkulumo ebushelelezi nangenkulumo yokuthopha ayenga izinhliziyo zalabo abanganakile. 19  Ukulalela kwenu sekubonwa yibo bonke abantu, ngakho ngiyajabula ngani. Kodwa ngifuna nihlakaniphe ngokuqondene nokuhle, kodwa nibe msulwa ngokuqondene nokubi. + 20  UNkulunkulu onika ukuthula, yena uzomchoboza ngokushesha uSathane + ngaphansi kwezinyawo zenu. Kwangathi umusa omkhulu weNkosi yethu uJesu ungaba nani. 21  UThimothewu, isisebenzi esikanye nami uyakhonza kini, kanjalo noLukiyu noJasoni noSosiphatru, izihlobo zami. + 22  Mina Tertiyu, obhale le ncwadi, ngiyakhonza kini eNkosini. 23  UGayu, + owamukele mina nalo lonke ibandla emzini wakhe, uyakhonza kini. U-Erastu umphathi-zimali* wedolobha uyakhonza kini, kanjalo noKwartu umfowabo. 24  *—— 25  Makadunyiswe uNkulunkulu okwazi ukuniqinisa ngokuvumelana nezindaba ezinhle engizimemezelayo nokushumayela ngoJesu Kristu, ngokokwambulwa kwemfihlo engcwele + ebigciniwe kungakhulunywa lutho ngayo isikhathi eside kakhulu 26  kodwa manje esibonakalisiwe,* futhi manje esiyenziwe yaziwa ngemiBhalo eyisiprofetho phakathi kwazo zonke izizwe ngokuvumelana nomyalo kaNkulunkulu ophakade wokuba kukhuthazwe ukulalela ngokholo; 27  kuNkulunkulu, okunguye yedwa ohlakaniphile, + makube inkazimulo ngoJesu Kristu, kuze kube phakade. Amen.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Ngitusa.”
Noma, “yomphefumulo wami.”
AmaKristu ayevame ukubingelelana ngokuqabulana lapho ehlangana.
Noma, “zezisu.”
Noma, “umphathi.”
Noma, “esimbuliwe.”