Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INcwadi Evela Endikimbeni Ebusayo

INcwadi Evela Endikimbeni Ebusayo

Bafowethu Nodadewethu Abathandekayo:

“Ngaso sonke isikhathi siyambonga uNkulunkulu lapho sikhuluma ngani nonke emithandazweni yethu, ngoba siwukhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokuthembeka nomshikashika wenu wothando nokukhuthazela kwenu ngenxa yethemba eninalo eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu.” (1 Thes. 1:2, 3) Yeka indlela la mazwi ayidlulisela kamnandi ngayo imizwa yethu ngani! Siyambonga uJehova ngani nangomsebenzi omuhle eniwenzayo. Kungani?

Kulo nyaka odlule benimatasa nenza ‘umsebenzi wokwethembeka nomshikashika wothando’ enkonzweni yoMbuso. Abaningi kini bafune izindlela zokwandisa inkonzo yabo. Abanye bathuthele ezindaweni, ngisho nasemazweni, anendingeko enkulu yabavangeli boMbuso. Abanye bandise inkonzo yabo ngokufakaza obala. Abaningi bashukumiseleka ukuba bangenele inkonzo yamaphayona asizayo ngenkathi yeSikhumbuzo, ngesikhathi sokuhanjelwa umbonisi wesigodi noma ngomkhankaso wango-August 2014. Nakuba izimo zenu zingefani, siyabona ukuthi nimsebenzela ngomphefumulo wonke uJehova futhi siyanincoma ngalokho. (Kol. 3:23, 24) ‘Umsebenzi wenu wokwethembeka’ ngempela uyisizathu sokuba sibonge uJehova!

Siyawazisa ‘nomshikashika wenu wothando’ ekwakheni izakhiwo ezihlukahlukene ezingokwasezulwini emhlabeni. Sizidinga ngokuphuthumayo izakhiwo ezinjalo ngoba inani labantu bakaJehova liyaqhubeka landa. (Isaya 60:22) Cabanga nje, inani lethu eliphakeme kulo nyaka odlule libe ngu-8 201 545, kanti isilinganiso senani lezifundo zeBhayibheli sibe ngu-9 499 933 inyanga ngayinye. Ngenxa yokwanda, amahhovisi egatsha amaningi kudingeka anwetshwe noma alungiswe. Lokhu kusho nokuthi sidinga amaHholo OMbuso engeziwe! Ngesikhathi esifanayo, emazweni amaningi kudingeka amahhovisi abahumushi ukuze abahumushi bethu bahlale futhi basebenze endaweni okukhulunywa kuyo ulimi lwabo.

Ngenxa yalokho, singazibuza, ‘Yini engingayenza ukuze ngisekele ukwakhiwa kwalezi zindawo?’ Abanye bethu bangazinikela ngokuzithandela ukuze bafake isandla emsebenzini wokwakha. Futhi kungakhathaliseki ukuthi sinawo amakhono okwakha noma asinawo, sonke sinelungelo lokunikela ngezinto zethu eziyigugu ukuze sisekele le misebenzi ebalulekile. (IzAga 3:9, 10) Ngesikhathi kwakhiwa itabernakele, ama-Israyeli ashukumiseleka ukuba anikele kangangokuba kwadingeka kwenziwe isaziso sokuba bame ukunikela. (Eks. 36:5-7) Ngokungangabazeki, izibonelo ezisemiBhalweni ezinjengalezo zisithinta inhliziyo, zisishukumisele esenzweni. ‘Umshikashika wenu wothando’ kulezi zici ezibalulekile zenkonzo engcwele ungesinye isizathu sokuba sibonge uJehova!

Sinesizathu esikhethekile sokwethaba njengoba sibona ukukhuthazela kwabafowethu. Ngokwesibonelo, cabanga ngabafowethu abathandekayo baseNingizimu Korea. Kusukela ngo-1950, izinsizwa ziye zathola izigwebo zasejele ezishiyashiyanayo ngobude ngoba zingafuni ukuthatha uhlangothi. Izizukulwane ngezizukulwane zabafowethu ziye zakhuthazelela le mpatho ngaphandle kokuyekethisa. Isibonelo sabo sokukhuthazela sisiqinisa ukholo!

E-Eritrea sekuphele iminyaka engaphezu kuka-20 abafowethu abathathu beboshiwe. Abanye, abahlanganisa nodade nezingane, basaboshwe isikhathi esifushane kunaleso. Miningi imizamo eyenziwe ukuze badedelwe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Abafowethu abazange bazilahle izimiso zobuKristu. Bagcine ubuqotho babo ngaphansi kwezimo ezibuhlungu ngendlela exakile. Asibalibali laba abathembekile emikhulekweni yethu.—Roma 1:8, 9.

Yebo, iningi lenu aliboshelwe ukholo lwenu. Kodwa abaningi kithi bahlushwa ukukhula, izinkinga zempilo ezingamahlalakhona, ukuphikiswa amalungu omkhaya nezihlobo ezingakholwa kanye nezinye izinselele ezaziwa yinina nodwa. Naphezu kwalezo zinto niyaqhubeka nikhonza uJehova ngokwethembeka! (Jak. 1:12) Siyanincoma. Ukukhuthazela kwenu ngokwethembeka kungesinye isizathu sokuba sibonge uJehova.

Yebo, umsebenzi wenu wokwethembeka, umshikashika wenu wothando nokukhuthazela kwenu konke kusinikeza izizathu ezinhle zokuba ‘sibonge uJehova, ngoba muhle.’ (IHu. 106:1) Siyanithanda kakhulu nonke futhi sikhulekela ukuba uJehova aniqinise, anilonde, anibusise ukuze nimkhonze kuze kube phakade.

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova