Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IDOMINICAN REPUBLIC

Amathemba Avusa Amadlingozi

Amathemba Avusa Amadlingozi

Idumela Elihle

Sekuyiminyaka engaba ngu-70 oFakazi BakaJehova bekhona eDominican Republic. Phakathi nalesi sikhathi baye bazitholela idumela elihle kakhulu. Abantu bavame ukuya kubamemezeli ensimini bacele izincwadi, futhi kuvamile ukubezwa bethi: “Ngiyayithanda le nkolo” noma “Nina niphila ngezimiso zeBhayibheli ngempela.”

Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwenzeka lapho kwakhiwa iHholo LoMbuso esizeni esasinikelwe umzalwane. Lapho lo mzalwane eyobhalisa le ndawo, wathola ukuthi kunomunye umuntu owayeseyibhalise ngomgunyathi, futhi lo muntu wasola umzalwane wathi uzama ukudla indawo yakhe. Lolu daba lwadluliselwa enkantolo. Kwakuyicala eliyindida ngoba lo muntu wayenezincwadi ezithi le ndawo isegameni lakhe.

Njengoba icala liqhubeka, ijaji lacela ummeli womzalwane ukuba achaze ukuthi umelele bani. Lapho ummeli echaza ukuthi umelela inhlangano esetshenziswa oFakazi BakaJehova, ijaji laphendula: “Uma kunjalo, asikho isizathu sokungabaza okushiwo ummangali. Ngiyabazi oFakazi BakaJehova futhi ngazi kahle ukuthi bathembekile. Abasoze bazama ukuphamba umuntu bathathe okungekona okwabo.”

Lapho kwethulwa ubufakazi enkantolo, kwacaca ukuthi ummangalelwa wayesebenzise izincwadi zomgunyathi, ngakho ijaji lathola oFakazi bengenacala. “Akuqali ukwenzeka lokhu. Ezinkantolo zakulo lonke izwe, njalo lapho kuphathwa igama loFakazi BakaJehova, abantu babahlonipha ngokujulile,” kusho ummeli onguFakazi.

Sibheke Phambili Esikhathini Esizayo

Njengoba isikhathi sihamba kuzobonakala ukuthi bangaki abathambekele ekulungeni abayofunda amaqiniso eBhayibheli futhi babe abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso. Okwamanje, kwenziwa yonke imizamo yokufinyelela abanjalo. Ngokwesibonelo, ngo-2013 oFakazi BakaJehova eDominican Republic bachitha amahora angaphezu kwezigidi ezingu-11 beshumayela futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-71 922. Kwakukhuthaza kakhulu nokubona ukuthi abangu-9 776 bangenela uhlobo oluthile lwenkonzo yamaphayona. Ngo-August wonyaka ofanayo, abamemezeli abangu-35 331 bahlanganyela ngenkuthalo enkonzweni. Ngaphezu kwalokho, sinethemba lokuthi kuzoba khona ukwanda ngoba bangu-127 716 ababekhona eSikhumbuzweni.

Umsebenzi wokushumayela nowokwenza abafundi eDominican Republic usuqhubeke isikhathi eside kusukela ngaleliya Sonto lango-April 1945, lapho uLennart noVirginia Johnson befika okokuqala futhi beqala ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. OFakazi BakaJehova eDominican Republic bayalazisa ifa labo elingokomoya. Bayasazisa isibindi nokuzidela isizukulwane sabakhulekeli bangaphambili ababenakho. Kodwa okukhulu nakakhulu, bazisa ilungelo asebenalo ‘lokunikeza ubufakazi obuphelele ngombuso kaNkulunkulu.’ (IzE. 28:23) Babheke phambili lapho bonke kulesi siqhingi kanye nabakhulekeli abakanye nabo emhlabeni wonke beyocula ndawonye bathi: “UJehova ngokwakhe usebé yinkosi! Umhlaba mawujabule. Iziqhingi eziningi mazithokoze.”—IHu. 97:1.