Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE ZAKLANYWA?

Izimpaphe Ze-Emperor Penguin

Izimpaphe Ze-Emperor Penguin

I-EMPEROR PENGUIN ikwazi ukutshuza emanzini ibuye igxumele ngaphandle eqhweni ngesivinini esimangalisayo. Ikwenza kanjani lokhu?

Uphaphe lwe-emperor penguin

Cabanga ngalokhu: Le nyoni igcina umoya ezinsibeni zayo. Lokhu akugcini ngokuyivikela emakhazeni ashubisa umnkantsha kodwa futhi kwenza ikwazi ukuhamba ngesivinini esiphindwe kabili noma kathathu kunalokho ebingakwenza. Kanjani? Izazi zesayensi yezinto eziphila olwandle zisikisela ukuthi lokhu ikwenza ngokudedela umoya osamabhamuza osuke usezinsibeni kancane kancane. Njengoba lo moya uphuma, wenza ukuba le nyoni ihambe kalula, ikwazi ukukhuphula ijubane.

Ngokuthakazelisayo, onjiniyela bebelokhu becwaninga ngezindlela zokwenza imikhumbi ibe nejubane elikhudlwana ngokusebenzisa amabhamuza omoya ukuze umkhumbi uhambe kalula. Nokho, abacwaningi bayavuma ukuthi akulula ukwenza ucwaningo olwengeziwe ngoba “kunzima ukwenza izembozo ezinezimbobo noma ezisamanetha ezifana nezinsiba ze-penguin ngenxa yokuthi ziyinkimbinkimbi.”

Ucabangani? Ingabe izimpaphe ze-emperor penguin zaba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe zaklanywa?