Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOTHILE | UCÉLINE GRANOLLERAS

Uchwepheshe Wezinso Uchaza Ngokholo Lwakhe

Uchwepheshe Wezinso Uchaza Ngokholo Lwakhe

UCéline Granolleras, ungudokotela ofunde wagogoda ezifweni zezinso eFrance. Ngemva kweminyaka engaphezu kuka-20 engudokotela, wafinyelela isiphetho sokuthi ukhona uMdali osikhathalelayo. I-Phaphama! yambuza ngomsebenzi wakhe nangokholo lwakhe.

Ake usitshele ngendlela owakhula ngayo.

Lapho ngineminyaka engu-9, umkhaya wakithi wathuthela eFrance usuka eSpain. Abazali bami babengamaKatolika, kodwa lapho sengineminyaka engu-16 angibange ngisakholelwa kuNkulunkulu. Kimina, inkolo yayingeyona into engokoqobo. Uma othile ayengibuza ukuthi ukuphila kwaba khona kanjani uma engekho uNkulunkulu, ngangimphendula ngokuthi, “Okwamanje ososayensi abakwazi ukukuchaza lokho, kodwa ngelinye ilanga bayokuchaza.”

Yini eyakwenza wafunda ngesifo sezinso?

Ngangifunda esikoleni sezokwelapha eMontpellier, eFrance. Omunye uprofesa lapho wakhuluma nami ngokusebenza emkhakheni wokwelapha izifo eziphathelene nezinso (nephrology). Lo msebenzi uhlanganisa ukucwaninga ngendlela yokunakekelwa kweziguli. Yilokho kanye engangikufuna. Ngo-1990, ngaqala ukuba nengxenye ekucwaningeni ngokwelapha okuhlanganisa nokusebenza kwe-erythropoietin (EPO) ukuze kulawuleke ukukhiqizwa kwamangqamuzana egazi abomvu emathanjeni ethu. Ngaleso sikhathi, cishe lokhu kwakubhekwa njengomkhakha omusha wocwaningo.

Yini eyakwenza waqala ukucabanga ngoNkulunkulu?

Emuva ngo-1979, umyeni wami, uFloréal, waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Kodwa mina ngangingenasithakazelo. Inkolo yavele yangicika ngisemncane. Noma kunjalo, umyeni wami nabantwana baba oFakazi, futhi ngokushesha cishe bonke  abangane bethu kwakungoFakazi. UPatricia, ongomunye wabo, wasikisela ukuba ngizame ukuthandaza. Wathi: “Uma kuwukuthi akukho muntu ezulwini, ngeke kwenzeke lutho. Kodwa uma ekhona, uzobona ukuthi kuzokwenzekani.” Ngemva kweminyaka, ngaqala ukuzibuza ngenjongo yokuphila, ngabe sengikhumbula amazwi kaPatricia. Ngaqala ukuthandazela ukuqonda.

Yini eyakwenza waqala ukucabanga ngenjongo yokuphila?

Ukuhlasela kwamaphekula i-World Trade Center eNew York, kwangenza ngazibuza ukuthi kungani kunobubi obungaka kubantu. Ngacabanga: ‘Abashisekeli benkolo babeka ikusasa lethu engozini. Kodwa ngizungezwe oFakazi BakaJehova abanokuthula. Abanayo imibono eyeqisayo. Banamathela eBhayibhelini. Mhlawumbe kufanele kengikuhlole lokho elikushoyo.’ Ngakho ngaqala ukuzifundela iBhayibheli.

Njengodokotela, ingabe wakuthola kunzima ukukholelwa kuMdali?

Cha. Ngangiyihlonipha kakhulu indlela eyinkimbinkimbi imizimba yethu eklanywe ngayo. Ngokwesibonelo, indlela izinso zethu ezilawula ngayo isilinganiso samangqamuzana abomvu egazini lethu iyakhexisa.

Kungani usho kanjalo?

Ngaqaphela ukuthi nguNkulunkulu kuphela ongaklama isimiso esisebenza kahle kanje

Cishe uyazi ukuthi amangqamuzana abomvu ahambisa umoya-mpilo. Uma ulahlekelwa igazi eliningi noma uba sendaweni ephakeme kakhulu, umoya-mpilo uyontuleka emzimbeni wakho. Izinso zethu ziyakwazi ukuzwa izinga lomoya-mpilo. Uma zizwa ukuthi umoya-mpilo awanele egazini, zishukumisa ukukhiqizwa kwe-EPO, futhi izinga le-EPO egazini linganyuka ngokuphindwe izikhathi eziyinkulungwane. I-EPO ibangela ukuba umnkantsha emathanjeni ukhiqize amangqamuzana abomvu engeziwe, wona abe esejikelezisa umoya-mpilo owengeziwe. Kuyamangalisa! Okudidayo ukuthi, ngathatha iminyaka eyishumi ngifunda ngale nqubo ngaphambi kokuba ngiqaphele ukuthi nguNkulunkulu kuphela ongaklama isimiso esisebenza kahle kanje.

Yini eyakuhlaba umxhwele ngeBhayibheli?

Ngafunda izincwadi eziningi zomlando nezincwadi zezindaba ezithandwayo, kodwa ngabona zisuka nje ukuthi iBhayibheli lihlukile. Indlela iseluleko salo esisebenza ngayo iyabonisa ukuthi livela emthonjeni ophakeme kunomuntu. Ubuntu bukaJesu bangihlaba umxhwele. Ngabona ukuthi wayengumuntu ngempela. Wayenemizwa, futhi wayenabangane. Njengoba ngangingafuni ukusebenzisa izincwadi zoFakazi BakaJehova, ngangenza ucwaningo kuma-encyclopedia nakwezinye izincwadi uma ngiba nemibuzo.

Yini owawuyicwaninga?

Ngacwaninga izincwadi zomlando . . . Ekugcineni, ngaphetha ngokuthi isiprofetho seBhayibheli sagcwaliseka ngesikhathi esifanele

Phakathi kwezinye izinto, yangithakazelisa kakhulu indlela iBhayibheli elabikezela ngayo unyaka uJesu abhapathizwa ngawo. Libonisa ngokunembile ukuthi kwakuyodlula isikhathi esingakanani phakathi nonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi yasePheresiya u-Ahashiveroshi nonyaka uJesu ayeyovela ngawo njengoMesiya. * Ngikujwayele ukucwaninga, kuyingxenye yomsebenzi wami. Ngakho ngacwaninga izincwadi zomlando ukuze ngiqiniseke ngesikhathi sokubusa kuka-Ahashiveroshi nesikhathi senkonzo kaJesu. Ekugcineni, ngaphetha ngokuthi isiprofetho seBhayibheli sagcwaliseka ngesikhathi esifanele nokuthi kumelwe ukuba sasiphefumulelwe uNkulunkulu.

^ isig. 19 Bheka amakhasi 197-199 encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.