Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOTHILE | UDAVEY LOOS

Isazi Samakhemikhali Ezinto Eziphilayo Sichaza Ngokholo Lwaso

Isazi Samakhemikhali Ezinto Eziphilayo Sichaza Ngokholo Lwaso

Udokotela uDavey Loos uyisazi samakhemikhali ezinto eziphilayo saseBelgium. Wake wakungabaza ukuba khona kukaNkulunkulu, ekholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo. Kamuva, wawushintsha umbono wakhe. Yini eyenza ukuba lo mcwaningi ahlole kabusha izinkolelo zakhe ngemvelaphi yokuphila? I-Phaphama! yambuza ngesayensi nangokholo lwakhe.

Wangena kanjani emkhakheni wokucwaninga ngesayensi?

Lapho ngisesenyuvesi, ngakhetha ukufunda ngesayensi yokuthakwa kwamakhemikhali. Okwangihlaba umxhwele ngokukhethekile amaprotheni nama-nucleic acid, okuyizakhi eziyinkimbinkimbi kakhulu emhlabeni. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaba nesithakazelo endleleni izakhi ezithile ezisabela ngayo emisebeni yelanga.

Wawukholelwa yini kuNkulunkulu?

Ngangikholelwa lapho ngisewumfanyana. Kodwa kamuva, lapho ngifunda eCatholic University of Leuven, ngafundiswa ukuthi izinto eziphilayo zavela ngezinqubo ezingokwemvelo ezingaqondiswa. Oprofesa benza lezi zinqubo zazwakala ziyinkimbinkimbi kakhulu. Babegogodile kwezesayensi, ngakho ngakukholwa ababekusho. Ngokuhamba kwesikhathi, ngakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.

Yini eyakwenza wayihlola kabusha imvelaphi yezinto eziphilayo?

Ngo-1999, ngahlangana nothile owayengumngane wami sisesesikoleni kodwa esenguFakazi KaJehova, futhi ngaya komunye wemihlangano yabo. Cishe phakathi naleso sikhathi, savakashelwa ngomunye woFakazi BakaJehova ekhaya futhi wasishiyela incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? *

Wayithola injani leyo ncwadi?

Langihlaba umxhwele izinga locwaningo olwalwenziwe lapho ibhalwa. Ngaqala ukuzibuza ukuthi ingabe ukuziphendukela kwemvelo kwakuyichaza ngempela yini imiklamo esiyibona emvelweni.

Yimiphi imiklamo oyithanda kakhulu emvelweni?

Umsebenzi wami njengososayensi wamakhemikhali ezinto eziphilayo  wawuhlanganisa ukucwaninga ngemiklamo yezakhi ezithile ezitholakala kuma-cyanobacteria aphila olwandle, okuyizilokazana ezingabonakali ngamehlo nezingancikile kwezinye izinto eziphilayo ukuze zithole ukudla. Abanye abacwaningi bacabanga ukuthi lezi zilokazana ziyizinto zokuqala eziphilayo ezaba khona kulo mhlaba. Ngosizo lwamandla emisebe yelanga, lezi zilokazana zisebenzisa inqubo yamakhemikhali eyinkimbinkimbi, engakaqondakali ngokuphelele ngisho namanje, ukuze ziguqule amanzi nesikhutha kube ukudla. Yangimangaza nendlela ama-cyanobacteria aphumelela ngayo ekutholeni ukukhanya kwelanga.

Amaqabunga nawo asebenzisa imisebe yelanga ukuze akhiqize ukudla. Khona-ke yini ephawulekayo ngalawo mabhaktheriya?

Uma uya ngokuya ujula olwandle, ukukhanya kuyancipha. Ngakho-ke lama-cyanobacteria aphila lapho, kumelwe abambe yonke inhlansi yamandla okukhanya evelayo futhi lokhu akwenza ngokusebenzisa izimpondo zawo eziyinkimbinkimbi kakhulu. La mandla okukhanya adluliselwa ezingxenyeni ezikhiqiza ukudla ngezinga eliphakeme kakhulu. Umklamo walesi silokazana esikwazi ukuthola ukukhanya ngale ndlela uye wakhanga nabenzi bama-solar-panel. Yiqiniso, izinga lokusebenza kwala ma-solar alisondeli nakusondela kwelesimiso esitholakala kula mabhaktheriya.

Lokho kwakwenza waphetha ngani?

Ngacabanga ngonjiniyela abazama ukulingisa imiklamo emangalisayo etholakala ezintweni eziphilayo, ngase ngiphetha ngokuthi izinto eziphilayo kumelwe ukuba zadalwa uNkulunkulu

Ngacabanga ngonjiniyela abazama ukulingisa imiklamo emangalisayo etholakala ezintweni eziphilayo, ngase ngiphetha ngokuthi lezi zinto kumelwe ukuba zadalwa uNkulunkulu. Kodwa ukholo lwami lwalungasekelwe nje kuphela kulokho engangikufunde kuyisayensi. Lwalusekelwe nasekutadisheni iBhayibheli ngokucophelela.

Yini eyakwenza waqiniseka ngokuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu?

Enye yezinto ezangenza ngaqiniseka ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli ngayo yonke imininingwane yazo. Ngokwesibonelo, kusasele amakhulu eminyaka u-Isaya wachaza imininingwane eminingi ngokufa nokungcwatshwa kukaJesu. Siyazi ukuthi lesi siprofetho salotshwa ngaphambi kokufa kukaJesu ngoba uMqulu ka-Isaya, owatholakala eQumram, wawukopishwe eminyakeni engaba yikhulu ngaphambi kokuzalwa kukaJesu.

Leso siprofetho sithi: “Uyokwenza ukuba ingcwaba lakhe libe kanye nababi, kanye nesigaba sezicebi ekufeni kwakhe.” (Isaya 53:9, 12) Ngokuphawulekayo, uJesu wabulawa kanye nezigebengu kodwa wangcwatshwa ethuneni lomkhaya ocebile. Lesi esisodwa nje ezibonelweni eziningi zeziprofetho ezangenza ngaqiniseka ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:16) Ngokuhamba kwesikhathi, ngaba omunye woFakazi BakaJehova.

Kungani ukujabulela ukuba omunye woFakazi BakaJehova?

Ukholo lwethu akulona olokuthatheka oluwashalazelayo amaqiniso esayensi

Ukholo lwethu akulona olokuthatheka oluwashalazelayo amaqiniso esayensi. Kanti nezimiso ezisiqondisayo zisekelwe ngokuqinile eBhayibhelini. Njengomunye woFakazi BakaJehova, ngiyakuthanda ukuhlanganyela nabanye isigijimi seBhayibheli esiduduzayo futhi ngibasize bathole izimpendulo zemibuzo yabo.

^ isig. 9 Inyatheliswa OFakazi BakaJehova.