Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOTHILE | UHANS KRISTIAN KOTLAR

Isazi Sesayensi Yamangqamuzana Sichaza Ngokholo Lwaso

Isazi Sesayensi Yamangqamuzana Sichaza Ngokholo Lwaso

Ngonyaka ka-1978, umsebenzi wokuqala kadokotela uHans Kristian Kotlar emkhakheni wezokucwaninga ngesayensi wawusesibhedlela i-Norwegian Radium, lapho ayecwaninga khona ngomdlavuza nangamasosha omzimba omuntu. Ngaleso sikhathi, waba nelukuluku lokwazi nangemvelaphi yokuphila. I-Phaphama! yambuza ngomsebenzi wakhe nangezinkolelo zakhe.

Yini eyakwenza wafuna ukwazi ngemvelaphi nenjongo yokuphila?

Ubaba wayenguMkatolika, umama yena engumProthestani. Noma kunjalo, inkolo babengayibheki njengento ebalulekile. Kodwa mina lapho ngisakhula ngangizibuza ngenjongo yokuphila futhi ngafunda izincwadi eziphathelene nobuBuddha, ubuHindu nobuSulumane. Ngaze ngathandaza ngisho nakuNkulunkulu, ngicela ukuba angambulele iqiniso.

Ngawo-1970, umkhakha wesayensi yamangqamuzana wawusuthuthuke kakhulu, futhi ngazibuza ukuthi ngeke wakwazi yini ukwembula imvelaphi yokuphila. Yangihlaba umxhwele indlela amangqamuzana aphilayo akheke ngayo, ngakho ngakhetha ukucwaninga ngobuchwepheshe bezinto eziphilayo. Okunye futhi, iningi loprofesa ababengifundisa babethi ukuphila kwavele kwaba khona ngendlela engokwemvelo futhi ngabakholelwa.

Yini eyakwenza waqala ukuba nendaba neBhayibheli?

OFakazi BakaJehova ababili bavakashela emzini wethu. Nakuba babenomusa, ngavele ngabakhahla futhi ngabatshela ukuthi angifune kuzwa lutho ngeBhayibheli. Umkami wayengilalele. Wathi: “Waze wabaphendula kabuhlungu kodwa, Hans Kristian. Ubulokhu ufuna ukwazi ngenjongo yokuphila.” Wayeqinisile futhi ngaba namahloni. Ngakho, ngaphuthuma ngabalandela. Lapho ngixoxa nabo, ngabatshela ukuthi ngangifuna ukwazi ukuthi iBhayibheli liyavumelana yini nesayensi.

Basabela kanjani?

Bangibonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngemvelaphi yazo zonke izinto ezikhona. Bangifundela umBhalo othi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone. Ngubani  odale lezi zinto? . . . Ngenxa yobuningi bamandla ashukumisayo, kwazise futhi unamandla amakhulu, ayikho neyodwa kuzo entulekayo.” * La mazwi angihlaba umxhwele. Kanti futhi kwabonakala kunengqondo ukuthi uMdali kuphela owayengenza izinto ngendlela ehleleke kanje.

Ingabe umbono wakho wokuthi indalo yazivelela washintsha?

Kancane kancane ngaqonda ukuthi izimfundiso ezihlukahlukene ezithi indalo yazivelela azinabo ubufakazi besayensi. Eqinisweni, lezi zimfundiso zimane ziyizinsumansumane ezizama ukuchaza ukuthi imiklamo emangalisayo etholakala ezintweni eziphilayo, njengamasosha omzimba, yayingazivelela kanjani. Lapho ngifunda okwengeziwe ngamasosha omzimba, ngaqonda ngokwengeziwe ukuthi ayinkimbinkimbi kangakanani nokuthi asebenza kahle kanjani. Ngakho, ucwaningo lwami lwangenza ngaphetha ngokuthi ukuphila kuvela kuMdali ohlakaniphile.

Ucwaningo lwami lwangenza ngaphetha ngokuthi ukuphila kuvela kuMdali ohlakaniphile

Ungasinikeza yini ubufakazi bezinto eziklanyiwe?

Empeleni amasosha omzimba ahlelwe ngokuphumelelayo ukuze akwazi ukusivikela emagciwaneni ahlukahlukene. Amasosha omzimba ahlelwe aba izigaba ezimbili ezisizanayo. Isigaba sokuqala silwa namagciwane ahlasela umzimba ngemva nje kwamahora ambalwa engenile. Kuthatha izinsuku ezimbalwa ukuba isigaba sesibili siqale ukuhlasela kodwa asishayi phansi. Kanti futhi lesi sigaba sesibili asikhohlwa, ngakho uma igciwane elithile liphinda libuya ngemva kweminyaka ethile, lihlaselwa ngokushesha. La masosha asebenza kahle kakhulu kangangokuba ngokuvamile awuqapheli nakuqaphela ukuthi uye wahlaselwa igciwane elithile futhi alibulala. Okunye okumangalisayo indlela amasosha omzimba akwazi ngayo ukuhlukanisa phakathi kwamagciwane kanye nezinhlobonhlobo ezibalelwa emakhulwini zamangqamuzana ezakha umzimba wethu.

Ake usitshele ukuthi kwenzekani lapho igciwane lihlasela umzimba?

Amagciwane angena emzimbeni lapho siphefumula, lapho sidla, angene nangezitho zobulili noma ngenxeba. Lapho amasosha omzimba eqaphela ukuthi kunegciwane elingenile, athumela amaprotheni ngokulandelana. Ibutho ngalinye lamaprotheni eliphumayo lidedela elilandelayo ukuze lelo gciwane lihlaselwe licoboshiswe. Le nqubo iyamangalisa!

Singasho yini ukuthi ulwazi lwakho lwesayensi luye lwaqinisa ukholo lwakho kuNkulunkulu?

Yebo. Amandla nokuba yinkimbinkimbi kwamasosha omzimba kubonisa ukuthi kunoMdali ohlakaniphile nonothando. Ngingasho nokuthi isayensi iye yaqinisa ukholo lwami eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, izAga 17:22 zisitshela ukuthi “inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle.” Abacwaningi bathole ukuthi isimo sethu sengqondo singathinta indlela amasosha ethu omzimba asebenza ngayo. Ngokwesibonelo, ukucindezeleka kungawenza abe buthakathaka.

Iningi lalabo abasemkhakheni okuwo abakholelwa kuNkulunkulu. Kungani?

Kunezizathu ezihlukahlukene. Njengami, abanye bavele bamukela lokho abakufundiswa. Mhlawumbe bacabanga ukuthi isayensi iyayisekela imfundiso yokuthi izinto zazivelela. Abanye abazikhathazi nakuzikhathaza ngokuthi ukuphila kwaqala kanjani. Kona kuyadabukisa. Ngicabanga ukuthi kufanele bacabange kanzulu.

Kungani waba omunye woFakazi BakaJehova?

Ngakhangwa ukuthanda kwabo abantu nokholo lwabo ezithembisweni zoMdali zekusasa elingcono. * Futhi lolo kholo lusekelwe ekucwaningeni nasezizathwini ezizwakalayo, hhayi ezinganekwaneni noma ekuqageleni. *