Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila Ngobumpumputhe

Ukuphila Ngobumpumputhe

“Ngaqala ukungaboni kahle ngisanda kuzalwa lapho ngifakwa umuthi wamehlo owalimaza amehlo ami. Lapho sengeve eminyakeni eyishumi nambili, ngaba yimpumputhe ngokuphelele futhi ngaba nesifo sokucindezeleka.”—UPaqui, owesifazane osekhulile onomyeni oyimpumputhe.

UBUMPUMPUTHE noma ukunqundeka kwamehlo kungabangelwa izinto eziningi, ezihlanganisa ukulimala nokugula. Zingathinta amehlo, izinzwa zokubona, noma ingqondo. Abantu abanqundeka amehlo noma babe izimpumputhe bavame ukungakwamukeli kalula, babe lusizi futhi besabe. Nokho, abaningi bayafunda ukubhekana kahle naleso simo futhi baqhubeke bephila ukuphila okwanelisayo.

Ngokuvamile amehlo ethu yiwona ngokuyinhloko asisiza sazi ukuthi kwenzekani ezweni elisizungezile. Ngakho lapho umuntu eba impumputhe, uqala ukuthembela kakhulu kwezinye izinzwa—inzwa yokuzwa, yokuhogela, yokuthinta neyokunambitha.

Ngokomagazini i-Scientific American, ucwaningo oluphathelene nokusebenza kwezinzwa zobuchopho lusikisela ukuthi ingqondo inekhono lokuzishintsha kuye ngokuthi “isetshenziswa kanjani.” Lo magazini uyenezela, “Kunobufakazi obuningi obubonisa ukuthi lapho inzwa ethile ingalethi ukwaziswa engqondweni, ingqondo iyakwazi ukuzihlela kabusha ukuze ithuthukise ukusebenza kwezinye izinzwa.” Cabanga ngalezi ezilandelayo.

Eyokuzwa: Kusukela emazwini kuye ezigini, imisindo ingakha isithombe engqondweni. Indoda eyimpumputhe okuthiwa uFernando ithi: “Ngiye ngafunda ukwazi nokukhumbula abantu ngamazwi noma ngezigi zabo.” UJuan, naye oyimpumputhe uthi, “Izwi lisiza oyimpumputhe azi ukuthi ubani okhulumayo.” Futhi njengathi sonke, abangaboni bayayinakisisa indlela umuntu akhuluma ngayo, engadlulisela imizwelo ehlukahlukene.

Endlebeni eqeqeshekile yomuntu oyimpumputhe, umsindo uphinde usho lukhulu nangendawo akuyo, kusukela ekutheni izimoto ziya ngakuphi kuye ebubanzini begumbi akulo nokuthi izinto ezingamkhuba zingakuphi.

Eyokuhogela: Inzwa yokuhogela nayo ingaba umthombo ocebile wokwaziswa, kodwa ichaza okungaphezu nje kokuthi iphunga livelaphi. Ngokwesibonelo, lapho umuntu oyimpumputhe ehamba endleleni ethile, inzwa yakhe yokuhogela ingamsiza akhe ibalazwe engqondweni elingahlanganisa izitolo zekhofi, zokudlela, izimakethe nokunye. Yiqiniso, imisindo ayijwayele nayo iyenezela kuleli balazwe, bese kwenezela neminye imininingwane ayithola ngenzwa yokuthinta.

Eyokuthinta: UFrancisco uthi: “Iminwe yami ingamehlo ami.” Ibanga lawo “mehlo” angalifinyelela lingelulwa ngenduku. UManasés, owazalwa eyimpumputhe futhi wafunda ukusebenzisa induku yokuphumputha esemncane wathi, “Ngosizo lwezinye izinzwa, inkumbulo yami kanye nendlela eseceleni komgwaqo engiyizwa ngenduku yami, ngazi kahle ukuthi ngikuphi.”

Ufunda umagazini INqabayokulinda obhalwe nge-Braille

Inzwa yokuthinta iphinde isize abantu abaningi abayizimpumputhe ukuba bafunde izincwadi ze-Braille. Empeleni, kulezi zinsuku akuyona into engavamile ukuba umuntu oyimpumputhe akwazi ukuthola amalungiselelo okuzondla ngokwengqondo nangokomoya. Ngaphandle kwezinto ezibhalwe nge-Braille, la malungiselelo aphinde ahlanganise izinto ezilalelwayo nezinye izinto zobuchwepheshe. Ngosizo lwawo, abayizimpumputhe bangakwazi ukufunda iBhayibheli nezincwadi ezihlukahlukene ezisekelwe kulo. *

Lawo malungiselelo angokomoya aye aba umthombo ongenakuqhathaniswa wenduduzo nethemba kuPaqui nomyeni wakhe okukhulunywe ngabo ekuqaleni. Baye bathola nokusekelwa okuvela emkhayeni omkhulu, ibandla lobuKristu langakubo loFakazi BakaJehova. UPaqui uthi, “Manje sesiyakwazi ukuzenzela izinto eziningi nokuphila ukuphila okwanelisayo.”

Yiqiniso, ukuba impumputhe kunezinselele. Kodwa lapho abantu bebhekana nalezo zinselele futhi baqhubeke bejabulela ukuphila, lokho kuwubufakazi bokuthi umuntu uyakwazi ukuzivumelanisa nezimo nokukhuthazela!

^ isig. 10 OFakazi BakaJehova banyathelisa izinsiza-kufunda zeBhayibheli nge-Braille ngezilimi ezingaphezu kuka-25.