Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amakhekhe Ezinja

Amakhekhe Ezinja

UNICK ohlala e-Oregon, e-U.S.A wabhala: “Entwasahlobo ka-2014 ngaqala ukuhamba nezinja zami ezimbili ezincane eduze kwalapho ngangihlala khona. OFakazi babevame ukuma eduze kwezinqola zabo zokufakaza enkabeni yedolobha. Babegqoka kahle, bamomotheke futhi babingelele wonke umuntu ngemfudumalo.

“OFakazi babenomusa kubantu nasezinjeni zami. Ngelinye ilanga, u-Elaine, owayemi eduze kwenqola, wapha izinja zami amakhekhe. Ngokuhamba kwesikhathi, izinja zami zase zivele zingidonse ngamaketanga zifune ukuya ‘ekhoneni lamakhekhe.’

“Kwadlula izinyanga. Izinja zazijabulela amakhekhe azo, nami ngijabulela izingxoxo ezimfushane noFakazi. Kodwa ngangingabaza ukubajwayela kakhulu. Ngangineminyaka engaphezu kuka-70, futhi ngingaqiniseki ngezinkolelo zoFakazi. Njengoba amasonto obuProthestani ayengenzele phansi, ngabona kungcono ukuvele ngizifundele ngedwa iBhayibheli.

“Phakathi nalesi sikhathi, ngangiye ngibone oFakazi bemi eduze kwezinqola zabo ezindaweni ezihlukahlukene zedolobha. Nabo babehlale benomusa. Babezimisele ukunikeza izimpendulo ezisekelwe eBhayibhelini, ngenxa yalokho ngabethemba nakakhulu.

“Ngelinye ilanga, u-Elaine wangibuza, ‘Uyakholwa ukuthi izilwane ziyizipho ezivela kuNkulunkulu?’ Ngaphendula ngathi, ‘Impela!’ U-Elaine wabe esengifundela u-Isaya 11:6-9. Yasuka inkungu kimi, nakuba ngangisemanqikanqika ukwamukela izincwadi zabo.

“Ezinsukwini ezalandela, sasiba nezingxoxo ezimfushane kodwa ezifundisayo no-Elaine nomyeni wakhe, uBrent. Basikisela ukuba ngifunde uMathewu ngize ngiyofika encwadini yezEnzo ukuze ngiqonde ukuthi yini ehilelekile ekulingiseni uKristu. Ngakho, ngenza kanjalo. Kungakabiphi, ngavuma ukuba uBrent no-Elaine bangifundele iBhayibheli. Ngaleso sikhathi kwase kusehlobo lika-2016.

“Ngangibheka phambili esifundweni sami seBhayibheli samasonto onke nasemihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso. Ngangizizwa ngibusisekile futhi ngikujabulela ukufunda lokho iBhayibheli elikushoyo. Ngemva kwesikhathi esingaphezudlwana nje konyaka, ngaba uFakazi obhapathizwe. Manje njengoba sengineminyaka engu-79, ngiyazi ukuthi sengisendleleni okuyiyona yona. UJehova ungibusisile ngokungifaka emndenini wakhe wezinceku ezizinikezele.”