Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Lithini iBhayibheli ngokwenza izifungo?

Isifungo sichazwa ngokuthi ‘isithembiso esiqotho noma isimemezelo esenziwayo ukuze kugcwaliswe isivumelwano, ngokuvamile esenziwa phambi kukaNkulunkulu.’ Singase sishiwo ngomlomo noma sibhalwe phansi.

Abanye bangase bacabange ukuthi akulungile ukwenza isifungo ngenxa yokuthi uJesu wathi: “Ningafungi nhlobo . . . Izwi lenu ‘elinguYebo’ malisho uyebo, ‘uCha’ wenu, asho ucha ngoba okungale kwalokhu kuvela komubi.” (Math. 5:33-37) Yiqiniso, uJesu wayazi ukuthi kunezifungo okwakufanele zenziwe ngokuvumelana noMthetho KaMose nokuthi izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zazizenzile izifungo. (Gen. 14:22, 23; Eks. 22:10, 11) Wayazi nokuthi ngisho noJehova ngokwakhe wayezenzile izifungo. (Heb. 6:13-17) Ngakho, uJesu wayengasho neze ukuthi kwakungafanele senze isifungo. Kunalokho, wayexwayisa ngokwenza izifungo ezingabalulekile noma ezingasho lutho. Kufanele sikubheke njengenkonzo engcwele ukufeza esikushoyo. Kumelwe sikwenze esikushoyo.

Ngakho, yini okufanele uyenze uma ucelwa ukuba ufunge? Okokuqala, qiniseka ukuthi uzokwazi ukukwenza lokho okufungelayo. Uma ungaqiniseki, kuhle ungasenzi nhlobo isifungo. IZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa: “Kungcono ungasenzi isifungo kunokwenza isifungo kodwa ungasifezi.” (UmSh. 5:5) Okwesibili, cabanga ngezimiso ezingokomBhalo ezikhuluma ngaleso sifungo bese wenza ngokuvumelana nonembeza wakho oqeqeshiwe. Yiziphi ezinye zalezo zimiso ezingokomBhalo?

Ezinye izifungo aziphikisani nentando kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova benza izifungo lapho beshada. Umakoti nomkhwenyana benza izifungo phambi kukaNkulunkulu nofakazi, bathembise ukuthanda, ukwazisa nokuhlonipha omunye nomunye nokuthi lokho bayokwenza “uma nje [bobabili besaphila].” (Abanye bangase bangawasho njengoba enjalo la mazwi lapho beshada, noma kunjalo basuke benza isifungo phambi kukaNkulunkulu.) Ngemva kwalokho, kuye kuthiwe sebeyindoda nomfazi futhi umshado wabo usuyisibopho saphakade. (Gen. 2:24; 1 Kor. 7:39) Leli lungiselelo liyafaneleka futhi livumelana nentando kaNkulunkulu.

Ezinye izifungo ziphikisana nentando kaNkulunkulu. UmKristu weqiniso ngeke enze isifungo sokulwela izwe lakhe empini noma sokuphika ukholo lwakhe kuNkulunkulu. Ukwenza kanjalo kuyobe kuwukwephula imithetho kaNkulunkulu. AmaKristu akufanele abe “ingxenye yezwe,” ngakho akufanele singene ezindabeni nasezimpikiswaneni zalo.​—Joh. 15:19; Isaya 2:4; Jak. 1:27.

Ezinye izifungo zishiyelwa kunembeza. Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke sisihlolisise isifungo ngokuvumelana neseluleko sikaJesu ‘sokubuyisela izinto zikaKhesari kuKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.’​—Luka 20:25.

Ngokwesibonelo, ake sithi umKristu ufaka isicelo sokuba yisakhamuzi noma isicelo sencwadi yokungena kwelinye izwe, bese ethola ukuthi kufanele enze isifungo sokwethembeka. Uma kulelo zwe isifungo esinjalo sisho ukwenza ngendlela engavumelani nemithetho kaNkulunkulu, unembeza wakhe oqeqeshwe yiBhayibheli ngeke umvumele ukuba asenze leso sifungo. Nokho, uhulumeni ungase umvumele ukuba ashintshe amazwi esifungo ukuze avumelane nonembeza wakhe.

Ukwenza isifungo sokwethembeka esishintshiwe kungase kuvumelane nesimiso esitholakala kweyabaseRoma 13:1, esithi: “Wonke umuntu makazithobe emagunyeni aphakeme.” Ngakho, umKristu angase anqume ukuthi akukubi ukufunga ukwenza into uNkulunkulu ayivumelayo kakade.

Unembeza ungasiza nalapho ucelwa ukuba usebenzise into ethile noma wenze isenzo esithile lapho wenza isifungo. AmaRoma namaSkithe asendulo ayesebenzisa izinkemba zawo lapho enza isifungo, acele amandla kunkulunkulu wempi ukuze azibonakalise ukuthi athembekile. AmaGreki ayephakamisa isandla lapho enza isifungo. Ngokwenza kanjalo, ayeqaphela ukuthi kunomuntu waphezulu owayekuzwa lokho okwakushiwo, ekubona nokwakwenziwa futhi abantu babelandisa kuye.

Yiqiniso, inceku kaJehova ngeke yenze isifungo isebenzisa noma iluphi uphawu lwesizwe oluhlobene nenkolo yamanga. Kodwa kuthiwani uma inkantolo yomthetho ikucela ukuba ubeke isandla phezu kweBhayibheli, ufunge ukuthi uzonikeza ubufakazi obuyiqiniso? Uma kunjalo, ungase unqume ukukwenza lokho, ngoba imiBhalo iyakhuluma ngabaqotho abenza isenzo esithile lapho befunga. (Gen. 24:2, 3, 9; 47:29-31) Kubalulekile ukukhumbula ukuthi uma wenza isifungo esinjalo, usuke ufunga phambi kukaNkulunkulu ukuthi uzokhuluma iqiniso. Kudingeka ukulungele ukuyiphendula ngobuqotho yonke imibuzo ongase ubuzwe yona.

Ngenxa yokuthi buyigugu ubuhlobo bethu noJehova, kufanele sisicabangele ngomthandazo noma yisiphi isifungo esicelwa ukuba sisenze, siqiniseke ngokuthi asiwulimazi unembeza wethu noma asizephuli izimiso zeBhayibheli. Uma ukhetha ukwenza isifungo, kumelwe uqiniseke ukuthi uyasigcina.​—1 Pet. 2:12.