INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Januwari 2017

Lo magazini unezihloko ezifundwayo zika-February 27 kuya ku-April 2, 2017.

Bazinikela Ngokuzithandela

Odade abaningi abaye bakhonza kwamanye amazwe ekuqaleni babemathintanyawo ngokuthuthela kwelinye izwe. Basiqunga kanjani isibindi ababesidinga? Yini abaye bayifunda ekukhonzeni kwelinye izwe?

“Thembela KuJehova Wenze Okuhle”

UJehova uyakujabulela ukusenzela izinto esingenakukwazi ukuzenza. Kodwa ulindele ukuba nathi senze esingakwazi ukukwenza. Isihloko sethu sonyaka sika-2017 sisisiza kanjani silinganisele?

Sazise Isipho Sakho Senkululeko Yokuzikhethela

Iyini inkululeko yokuzikhethela futhi iBhayibheli lifundisani ngayo? Ungabonisa kanjani ukuthi uyayihlonipha inkululeko yabanye yokuzikhethela?

Okwenza Isizotha Sibaluleke Nanamuhla

Siyini isizotha, sihilelani futhi sihlobene kanjani nokuthobeka? Kungani siyimfanelo ebalulekile okufanele siyihlakulele?

Ungahlala Unesizotha Ngaphansi Kovivinyo

Singahlala kanjani sinesizotha lapho izimo zethu zishintsha, lapho sigxekwa noma sinconywa nalapho singaqiniseki?

“Lezi Zinto Ziphathise Amadoda Athembekile”

Asebekhulile bangabasiza kanjani abasebasha ukuba bathwale imithwalo eyengeziwe? Abasebasha bangabonisa kanjani ukuthi bayabazisa labo asebehole iminyaka eminingi?

Ingabe Bewazi?

Ngezikhathi zeBhayibheli kwakuhanjwa kanjani nomlilo?