Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Endulo babehamba kanjani nomlilo?

UKULANDISA kweBhayibheli okutholakala kuGenesise 22:6 kubonisa ukuthi ukuze alungiselele ukwenza umnikelo endaweni eqhelile, “u-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo wokushiswa wazithwesa u-Isaka indodana yakhe yena waphatha umlilo nommese wokuhlaba, bobabili bahamba ndawonye.”

EmiBhalweni akushiwo lutho ngendlela umlilo owawubaswa ngayo endulo. Ngokuphathelene nale ndaba, esinye isazi sikholelwa ukuthi mancane amathuba okuthi lowo mlilo “wagcinwa uvutha phakathi nalolo hambo olude” u-Abrahama no-Isaka abaluthatha. Okusho ukuthi kungenzeka kubhekiselwa ethuluzini elalidingeka ukuze kubaswe umlilo.

Nokho, abanye baveza ukuthi endulo kwakungelula ukubasa umlilo. Abantu babengakuthola kulula, uma kungenzeka, ukokhela umlilo, emlilweni owawusuvutha kakade komakhelwane kunokuba bazibasele owabo. Ngakho izazi eziningana zikholelwa ukuthi u-Abrahama wayephethe into yokuphatha umlilo—mhlawumbe ibhodwe elalilenga eketangeni—okwakufakwa kuyo amalahle ashisayo asale emlilweni wangayizolo. (Isaya 30:14) Lawo malahle avuthayo okwakuhanjwa nawo, ayengasetshenziselwa ukokhela umlilo noma nini phakathi nohambo.