INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Juni 2019

Lo magazini unezihloko ezizofundwa ngo-Agasti 5–Septhemba 1, 2019

“Xwayani: Mhlawumbe Kungase Kube Khona Oyomuka Nani Njengezisulu Zakhe”!

USathane unguchwepheshe ekukhohliseni abantu. Uzama kanjani ukusithonya nokusenza silahle uJehova?

Gumbuqela Yonke Imicabango Emelene Nolwazi NgoNkulunkulu!

Ukucabanga kwethu kuthonywa indlela esikhule ngayo, isiko lethu nemfundo esinayo. Singayisiphula kanjani indlela yokucabanga engafanele ‘embelwe ngokuqinile’ ezingqondweni zethu?

Thembela KuJehova Lapho Ucindezelekile

Ukucindezeleka okukhulu noma okudonsa isikhathi eside kungasishiya sikhandlekile emzimbeni futhi kusilimaze ngokomzwelo. Singafunda okuningi ngokubheka indlela uJehova azisiza ngayo izikhonzi zakhe esikhathini esidlule zabhekana nokucindezeleka.

Siza Abanye Babhekane Nokucindezeleka

ULoti, uJobe noNawomi bakhonza uJehova ngobuqotho, kodwa kwadingeka babhekane nezikhathi ezicindezelayo ekuphileni kwabo. Yini esingayifunda kulokho okwenzeka kubo?

Indlela Yokuzivikela Esicuphweni SikaSathane

Ukubukela izithombe namavidiyo ocansi kuyisicupho esibambe izikhonzi zikaNkulunkulu eziningi. Singawugwema kanjani lo mkhuba ongcolile?

Ukuvulwa Komqulu Wakudala

Ngo-1970 abavubukuli bathola umqulu oshile e-⁠Israel. Lo mqulu bakwazi ukuwuvula besebenzisa ubuchwepheshe bokuskena nge-3-D. Lokho abakuthola ngemva kokuskena kwembulani?