Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuvulwa Komqulu Wakudala

Ukuvulwa Komqulu Wakudala

Umqulu oshile wase-Ein Gedi wawungafundeki kusukela watholakala ngo-1970. Iskeni se-3-D sibonise ukuthi lo mqulu unezingxenye zencwadi kaLevitikusi, ezinegama likaNkulunkulu

NGO-1970, abavubukuli bathola umqulu oshile e-Ein Gedi, e-Israel, ngasogwini olusentshonalanga yoLwandle Olufile. Lo mqulu, owasha ngesikhathi kucekelwa phansi leyo ndawo, bawuthola ngesikhathi begubha esinagogeni, cishe ngekhulu lesithupha C.E. Lo mqulu wawushe kakhulu, ungafundeki; uma bewuvula wawuvithika. Nokho, kwasetshenziswa ubuchwepheshe bokuskena nge-3-D ukuze uvulwe. Besebenzisa leli thuluzi, bakwazi ukuwufunda.

Yini abayithola lapho bewuskena? Bathola ukuthi unemibhalo yeBhayibheli. Kwakunamavesi athile engxenye esekuqaleni yencwadi kaLevitikusi. La mavesi ahlanganisa igama likaNkulunkulu ngesiHebheru, elibhalwe ngezinhlamvu zeTetragrammaton. Kubonakala sengathi lo mqulu wabhalwa phakathi kuka-50 C.E. no-400 C.E., okuwenza ube umqulu wakudala wemiBhalo YesiHebheru owatholakala ngemva kokuba kutholwe imibhalo yesandla eQumran. Ku-Jerusalem Post, uGil Zohar uthi, “Ngaphambi kokuba kutholakale umqulu wencwadi kaLevitikusi e-Ein Gedi, imiqulu emidala ebilokhu ikhona ibishiyana ngeminyaka engu-1 000, okuyiMiqulu YasoLwandle Olufile (cishe eyabhalwa ngo-100 B.C.E.) ne-Aleppo Codex (cishe eyabhalwa ngo-930 C.E.).” Abacwaningi bathi lo mqulu owavulwa ngeskena ubonisa ukuthi umbhalo wamaMasorete wezincwadi zokuqala ezinhlanu zeBhayibheli “uye walondolozwa ngokwethembeka phakathi nezinkulungwane zeminyaka nokuthi amaphutha abakopishi awazange awushintshe lo mbhalo.”