Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IZWE LIGCWELE IZIYALUYALU

1 | Vikela Impilo Yakho

1 | Vikela Impilo Yakho

OKWENZA KUBALULEKE

Izinhlekelele zingadala umonakalo omkhulu ezimpilweni zabantu ngezindlela ezihlukahlukene.

  • Ubunzima bushiya abantu abaningi becindezelekile, kanti ukucindezeleka isikhathi eside kungabenza bagule.

  • Izinhlekelele zenza kube nzima ukuba izibhedlela zinakekele kahle abantu abagulayo ngoba kumelwe zinakekele abantu abaningi abagula ngesikhathi esisodwa futhi ingase ingabi khona imithi eyanele yokubanakekela.

  • Izinhlekelele zenza abantu bangabi nayo imali yokukhokhela izinto abazidingayo njengokudla okunempilo nemithi.

Okufanele Ukwazi

  • Ukugula kakhulu nokucindezeleka engqondweni kungakwenza wenze izinqumo ezingahlakaniphile, okungenza kube nzima ukuba uyinakekele kahle impilo yakho. Ekugcineni, ugula nakakhulu.

  • Uma ungenzi okuthile ukuze unakekele impilo yakho, isimo singaba sibi nakakhulu ngisho nokuphila kwakho kungaba sengozini.

  • Uma uwumqemane, uyokulungela kangcono ukwenza izinqumo ezinhle lapho kuneziyaluyalu.

  • Noma ngabe izimo zakho zezomnotho zimi kanjani, kukhona ongakwenza ukuze unakekele impilo yakho.

Ongakwenza Manje

Umuntu ohlakaniphile uyacabanga ngezingozi ezingase zibe khona bese enza okuthile ukuze azigweme. Lokhu kuyasebenza nasekunakekeleni impilo yakho. Ungazinciphisa izifo noma ububi bazo uma uzigcina uhlanzekile wena nomuzi wakho. Kungcono ukusigwema isifo kunokuselapha.

“Uma sizigcina sihlanzekile kanye nendawo esihlala kuyo, sinciphisa izindleko zokuyobona udokotela nezokuthenga imithi.”​—U-Andreas. *

^ Amanye amagama akulo magazini ashintshiwe.