Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IZWE LIGCWELE IZIYALUYALU

2 | Vikela Imali Nezinto Onazo

2 | Vikela Imali Nezinto Onazo

OKWENZA KUBALULEKE

Abantu abaningi bayapatanisa nsuku zonke ukuze bathole izinto abazidingayo. Ngokudabukisayo, iziyaluyalu ezigcwele izwe zingenza lokhu kube nzima nakakhulu. Kungani?

  • Lapho kuneziyaluyalu, umphakathi ungase udonse kanzima​—kube nzima ukuthola ukudla nendawo yokuhlala.

  • Izinhlekelele zingenza abantu baphelelwe umsebenzi noma bahole imali encane.

  • Izinhlekelele zingalimaza noma ziqede amabhizinisi abantu, imizi yabo noma ezinye izinto abanazo. Lokhu kwenza ukuba abantu abaningi bahlupheke.

Okufanele Ukwazi

  • Uma uyisebenzisa ngokuhlakanipha imali yakho, uyokulungela kangcono ukubhekana nesikhathi esinzima.

  • Imali ayihlale ikhona; umholo, imali oyibekile nezinto onazo kungaphelelwa amandla lapho umnotho uwohloka.

  • Kunezinto ongeke uzithenge ngemali, njengenjabulo nomndeni onobunye.

Ongakwenza Manje

IBhayibheli lithi: “Uma sinokudla nezingubo zokugqoka, siyokwaneliswa yilezi zinto.”​—1 Thimothewu 6:8.

Ukwaneliseka kuhlanganisa ukunciphisa izinto esizifunayo nokwaneliseka lapho izinto esizidingayo sizithola. Lokhu kubaluleke kakhulu uma incane imali esinayo.

Kungaze kudingeke ushintshe indlela ophila ngayo ukuze waneliseke. Uma uhlale uthenga izinto ongenayo imali yokuzithenga uyoba nezinkinga ezinkulu zezimali.