Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO KWABASOSIZINI LOKUSHONELWA

Usizo Olungcono Kakhulu Kulabo Abashonelwe

Usizo Olungcono Kakhulu Kulabo Abashonelwe

EMINYAKENI YAMUVA LUYE LWANDA UCWANINGO OLWENZIWAYO MAYELANA NOBUHLUNGU BOKUSHONELWA. Nokho njengoba sesibonile, iseluleko sochwepheshe esisebenza kangcono sivame ukuvumelana neseluleko ebesilokhu sikhona eBhayibhelini. Lokhu kubonisa ukuthi iseluleko esiseBhayibhelini asiphelelwa yisikhathi. Nokho, kunezinye izinto eziningi eziwusizo esingazithola eBhayibhelini. Linganika abashonelwe induduzo abangeke bayithole kwenye indawo.

  • Isiqinisekiso sokuthi abantu esibathandayo asebashona ababuzwa ubuhlungu

    UmShumayeli 9:5 uthi: “Abafileyo bona abazi lutho.” ‘Imicabango yabo iyashabalala.’ (IHubo 146:4) Ngokuvumelana nalokhu, iBhayibheli lifanisa ukufa nokulala.—Johane 11:11.

  • Ukuba nokholo oluqinile kuNkulunkulu onothando kuyaduduza

    IHubo 34:15 lithi: “Amehlo kaJehova * akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.” Ukuthulula imizwa yethu kuNkulunkulu ngomthandazo akugcini nje ngokuselapha, kusisiza sakhe ubudlelwane noMdali wethu okwazi ukusebenzisa amandla akhe ukuze asiduduze.

  • Ithemba lekusasa eliqhakazile

    Cabanga ngesikhathi esizayo lapho abantu abafile beyovuswa, baphile lapha emhlabeni! IBhayibheli likhuluma kaningi ngaleso sikhathi. Lapho likhuluma ngezinto ezizokwenzeka emhlabeni lapho kufika leso sikhathi, iBhayibheli lithi uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Abantu abaningi abanokholo kuMlobi weBhayibheli uJehova, kuyabaqinisa kakhulu ukwazi ukuthi bazophinde bababone abantu ababathandayo asebashona. Ngokwesibonelo, u-Ann owashonelwa umyeni wakhe ayeseshade naye iminyaka engu-65 uthi: “IBhayibheli liyangiqinisekisa ukuthi abantu esibathandayo asebashona ababuzwa ubuhlungu, nokuthi uNkulunkulu uzobavusa bonke labo abasenkumbulweni yakhe. Ukucabanga ngalokho njalo lapho ngifikelwa ubuhlungu, kuyangisiza ngikwazi ukubhekana nesimo esinzima kakhulu esake sangehlela ekuphileni kwami!”

UTiina esike sakhuluma ngaye ngaphambili uthi: “Bengilokhu ngimuzwa uNkulunkulu engisekela selokhu kwashona uTimo. Lapho ngizizwa ngiphelelwa amandla, bengimuzwa uJehova engibamba ngesandla. Kanti nesithembiso esiseBhayibhelini sokuthi abafile bazovuka singokoqobo kakhulu kimi. Singinika amandla okuqhubeka nokuphila kuze kube yilapho ngiphinde ngimbona uTimo.”

Abantu abaningi abalethembayo iBhayibheli bayavumelana namazwi alabo esesikhulume ngabo. Uma ucabanga ukuthi izithembiso eziseBhayibhelini azikho ngokoqobo noma zimane ziyiphupho nje, kungakuzuzisa ukuhlola ubufakazi bokuthi iseluleko esikulo sinengqondo nokuthi singakwethemba lokho elikushoyo. Ungase uthole ukuthi iBhayibheli liwusizo olungcono kakhulu kulabo abashonelwe.

FUNDA OKWENGEZIWE NGETHEMBA LOKUVUSWA KWABAFILEYO

Bukela amavidiyo ahambisana nalesi sihloko ku-jw.org/zu

IBhayibheli lisithembisa ukuthi kuza isikhathi lapho sizokwamukela khona abantu esibathandayo asebafa

SIYINI ISIMO SABANTU ABAFILE?

Kwenzekani kithi lapho sifa? Impendulo ecacile esiyithola eBhayibhelini iyaduduza futhi iyasiqinisekisa

Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI> AMA-VIDEO (IBhayibheli)

UNGATHANDA YINI UKUZWA IZINDABA EZINHLE?

Njengoba kugcwele izindaba ezimbi kangaka emhlabeni, ungazitholaphi izindaba ezinhle? Le vidiyo yethula incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!

Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI> AMA-VIDEO (Imihlangano Nenkonzo Yethu)

^ isig. 7 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.