Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubhekana Nezinhlekelele Zemvelo

Ukubhekana Nezinhlekelele Zemvelo

Izinhlekelele zemvelo ziyanda futhi zenza umonakalo omkhulu, yini-ke ongayenza ukuze ubhekane nazo? Ake sibheke izinyathelo ezimbalwa ezingokoqobo ongazithatha.

Ungalindi amathonsi abanzi.

IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha, kodwa abangenalwazi baye badlula ngakuyo futhi kumelwe bakhokhe.” (IzAga 22:3) Lesi seluleko esihlakaniphile singasebenza nasezikhathini zenhlekelele. Lapho kukhishwa isixwayiso mayelana nentaba-mlilo ezoqhuma, izikhukhula ezingase zihlasele, isiphepho esingagadla noma isivunguvungu, kuwukuhlakanipha ukusuka kuleyo ndawo uye kwephephile. Ukuphila kubaluleke ukwedlula indlu noma ezinye izinto ezibonakalayo.

Abanye, bangase bakwazi ukukhetha ukungahlali endaweni evame ukuhlaselwa izinhlekelele. Esinye isikhulu sithi: “Kunezindawo emhlabeni ezithandwa kakhulu izinhlekelele. Incane kakhulu ingxenye yoMhlaba esengozini enkulu yokuhlaselwa izinhlekelele ezingadala umonakalo omkhulu esikhathini esizayo.” Lokhu kungaba iqiniso, izinhlekelele zivame ukwenzeka ezindaweni eziphansi ngasogwini noma eziseduze nemifantu yomhlaba. Uma ungazigwema izindawo ezinengozi enjalo noma ungathuthela endaweni ephephe kakhudlwana, ungase uwanciphise kakhulu amathuba okuhlaselwa izinhlekelele.

Yima ngomumo.

Naphezu kwakho konke ongase ukwenze, ungase uzithole uhlaselwa inhlekelele kungalindelekile. Ukubhekana nayo kuyoba lula kakhulu uma umi ngomumo. Lokhu kuvumelana neseluleko esisencwadini yezAga 22:3, esicashunwe ngaphambili. Ingabe unaso isikhwama sezimo eziphuthumayo esilungele ukusetshenziswa? Incwadi ethi 1-2-3 of Disaster Education ikhuthaza ukuba lesi sikhwama sibe nalezi zinto ezilandelayo: Izinto zosizo oluphuthumayo, amanzi asebhodleleni, ukudla okungaboli nezincwadi ezibalulekile. Kungaba ukuhlakanipha nokuxoxa nomkhaya wakho ngezinhlobo zezinhlekelele ezingase zenzeke endaweni yakini nokuthi yini eningayenza lapho zigadla.

Hlale usondelene noNkulunkulu.

Lokhu kungasiza kunoma isiphi isimo. IBhayibheli likhuluma ngoNkulunkulu ‘njengoBaba wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.’ Elinye ivesi limchaza ngokuthi unguNkulunkulu “oduduza labo abadangele.”—2 Korinte 1:3, 4; 7:6.

Yebo, uNkulunkulu uyaziqaphelisisa izimo zalabo abamethembayo. UnguNkulunkulu wothando futhi unikeza isikhuthazo esakhayo ngezindlela eziningi. (1 Johane 4:8) Ukuthandazela umoya kaNkulunkulu ongcwele onamandla, hhayi ukuba kwenzeke izimangaliso, kungasisiza kunoma isiphi isimo. Umoya ongcwele ungakhumbuza labo ababhekene nezinkathazo izindaba eziseBhayibhelini ezingabaduduza. Izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zingazizwa njengoDavide, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, owathi: “Ngisho noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, angesabi lutho olubi, ngoba wena unami; induku yakho nodondolo lwakho yikho okungiduduzayo.”—IHubo 23:4.

Ukuthandazela umoya kaNkulunkulu ongcwele onama-ndla, hhayi izimangaliso, kungasisiza kunoma isiphi isimo

AmaKristu ayasizana.

Ekhulwini lokuqala, umprofethi ongumKristu, u-Agabu, wabonisa ukuthi “kukhona indlala enkulu eyayizokwehlela wonke umhlaba owakhiwe; empeleni, yaba khona esikhathini sikaKlawudiyu.” Le ndlala yabathinta kakhulu abafundi bakaJesu abaningi eJudiya. Benzani abanye abafundi kwezinye izindawo lapho bezwa ukuthi amanye amaKristu abhekene naleso simo? Ukulandisa kuthi: “Labo ababengabafundi banquma, yilowo nalowo kubo ngokwalokho umuntu ayenamandla okukwenza, ukuba benze inkonzo ngokuthumela usizo kubazalwane abahlala eJudiya.” (IzEnzo 11:28, 29) Ngothando, basabela ngokubasekela ngezinto ababezidinga.

Lapho kugadla izinhlekelele ezinkulu namuhla, izinceku zikaNkulunkulu zisabela ngendlela efanayo. OFakazi BakaJehova bayaziwa ngokusiza amakholwa akanye nabo. Ngokwesibonelo, lapho ukuzamazama okunamandla kugadla eChile ngo-February 27, 2010, oFakazi BakaJehova basabela ngokushesha basiza labo ababethintekile. UKarla, ondlu yakhe yakhukhulwa yi-tsunami walandisa: “Kwakududuza futhi kuqinisa ukubona [abanye oFakazi] ngosuku olulandelayo befika bezosisiza. Ngokungangabazeki, uJehova wasiduduza ngokulunga kwalezi zisebenzi zokuzithandela. Ngazizwa ngithandwa futhi ngivikelekile.” Umkhulu wakhe, ongeyena uFakazi, waluphawula lolo sizo. Wathi: “Lokhu kuhluke ngokuphelele kwengike ngakubona esontweni esengineminyaka ngisonta kulo.” Lokhu akubona kwamshukumisela ukuba acele oFakazi BakaJehova batadishe naye iBhayibheli.

AmaKristu ayasizana ukuze abhekane nemiphumela yezinhlekelele

Ukuba nabantu abathanda uNkulunkulu kungaba usizo olukhulu ezikhathini zezinhlekelele. Noma kunjalo, ingabe izinhlekelele ziyoke ziphele emhlabeni? Ake sibone ukuthi iBhayibheli lithini ngale ndaba.