Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimo Zezulu Ezimbi—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Ukwazi Ukubhekana Nazo?

Izimo Zezulu Ezimbi—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Ukwazi Ukubhekana Nazo?

 Ingabe ungomunye wezigidi zabantu eziye zahlushwa isimo sezulu esibi kakhulu? Izimo zezulu eziyingozi nomonakalo eziwubangelayo zivela ngezindlela eziningi. Iziphepho, izivunguvungu zasolwandle, izishingishane, ngokuvamile zenza kube nezikhukhula nomonakalo odalwa imimoya enamandla. Izimvula ezinamandla zingabangela ukudilika kwenhlabathi futhi ukuduma kwezulu kungadala imibani engabangela umlilo wamadlelo ocekela phansi. Isomiso, ukushisa kwelanga okuhangulayo nezimvula ezinesiphepho zasebusika nakho kungadala umonakalo omkhulu.

 Ezindaweni eziningi emhlabeni, izimo zezulu eziyingozi ziyanda futhi zenzeka njalo. Umbiko we-International Federation of Red Cross and Red Crescent Societies, uyabika: “Siyanda isibalo sabantu abaye bahlushwa izinhlekelele. Njengoba izikhukhula ziya zanda, iziphepho nesomiso kubulala abantu futhi izigidi zabantu zisala zingasenawo amakhaya minyaka yonke.”

 Lapho kwenzeka izinto ezinjalo, abantu abahlukumezeki nje kuphela emzimbeni kodwa nangokomzwelo. Bangase bezwe ubuhlungu bokulahlekelwa izinto zabo, imizi nokushonelwa abantu ababathandayo.

 Uma uke wahlushwa izimo zezulu ezimbi, iBhayibheli lingakusiza ukwazi ukubhekana nazo. Linikeza induduzo, ithemba neseluleko esihlakaniphile futhi selisize abantu abaningi abahlukunyezwe izimo zezulu. (Roma 15:4) Liphinde liphendule nombuzo ohlupha abantu abaningi othi: Kungani uNkulunkulu evumela lokhu kwenzeke—Ingabe uyangijezisa?

Izimo zezulu ezimbi ezikhona manje azisona isijeziso esivela kuNkulunkulu

 IBhayibheli lifundisa ukuthi akusiye uNkulunkulu obangela ukuhlupheka abantu ababhekena nakho. Liyasiqinisekisa ukuthi “uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Lokho kusho ukuthi akuyena obangela izimo zezulu ezimbi ezikhona namuhla.

 IBhayibheli liyakhuluma ngezikhathi lapho uNkulunkulu asebenzisa amandla emvelo ukuze ajezise abantu ababi. Kodwa lezo zenzakalo azifani nomonakalo olethwa izimo zezulu esizibona namuhla, ezifika kungazelelwe zigadle kwabalungile nakwabangalungile. Ngokuphambene nalokho, iBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uhlale ebavikela abantu abangenacala, abaxwayise kusengaphambili futhi abachazele izizathu zokwenza kwakhe izinto. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wachaza ukuthi kungani ayezoletha uZamcolo ngosuku lukaNowa, wanikeza nesixwayiso ngaphambi kokuba awulethe futhi wavikela uNowa nomndeni wakhe.—Genesise 6:13; 2 Petru 2:5.

 Ukuze uthole ukuthi sazi kanjani ukuthi izinhlekelele zemvelo ezenzeka namuhla azisona isijeziso sikaNkulunkulu, funda isihloko esithi, “Lithini IBhayibheli Ngezinhlekelele Zemvelo?

UNkulunkulu uyabakhathalela labo abahlushwa izimo zezulu ezimbi

 IBhayibheli lisitshela ukuthi uJehova a uNkulunkulu uyasikhathalela futhi unozwela. Cabanga ngala mavesi aduduzayo alandelayo.

  •    Isaya 63:9: “Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye [uNkulunkulu].”

     Incazelo: Kumkhathaza kakhulu uJehova ukubona abantu behlupheka.

  •   1 Petru 5:7: “Uyanikhathalela.”

     Incazelo: UJehova unendaba nawe.

 Uthando nozwela uJehova analo kumenza enze okuthile. Uyasiduduza ngeseluleko esihlakaniphile esitholakala eBhayibhelini nangethemba eliqinisekile ngekusasa lapho ziyobe zingasekho izinhlekelele ezihlobene nesimo sezulu.—2 Korinte 1:3, 4.

Lapho izimo zezulu ezimbi zingeke zisaba inkinga

 IBhayibheli lembula ukuthi uJehova uthembisa ‘ukusinika ikusasa elihle nethemba.’ (Jeremiya 29:11) Ufuna abantu baphile kuze kube phakade emhlabeni oyipharadesi, bangaphili ngokwesaba isimo sezulu esibi.—Genesise 1:28; 2:15; Isaya 32:18.

 UNkulunkulu uyoletha lelo kusasa esebenzisa uMbuso wakhe, owuhulumeni wasezulwini oholwa uJesu. (Mathewu 6:10) UJesu unokuhlakanipha namandla adingekayo ukuze anqande izinhlekelele zezimo zezulu. Lapho uJesu esemhlabeni wabonisa amandla akhe okukwazi ukulawula isimo sezulu. (Marku 4:37-41) Uzobusa ngokuqonda nangokuhlakanipha, afundise abantu indlela yokunakekela imvelo nokwenza izinto ezingayilimazi. (Isaya 11:2) Ngaphansi kobuholi bukaJesu, abantu ngeke baphinde bahlushwe izimo zezulu ezimbi.

 Ungase uzibuze, ‘UJesu uyowasebenzisa nini amandla akhe ukuze alawule isimo sezulu?’ Ukuze uthole impendulo, funda isihloko esithi “UMbuso KaNkulunkulu Uzobusa Nini Emhlabeni?

Indlela yokubhekana nezimo zezulu ezimbi

 Iseluleko seBhayibheli singakusiza ngaphambi kwesimo sezulu esibi, phakathi naso nangemva kwaso.

  •   Ngaphambi kwesimo sezulu esibi: Zilungisele ukuze uthathe isinyathelo ngokushesha.

     Okushiwo iBhayibheli: “Onokuqonda uyayibona ingozi acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka behamba bese beyavuna.”—IzAga 22:3.

     Incazelo: Zibone kusengaphambili izinto ezingaba yingozi ukuze usheshe ukuthatha isinyathelo, uvikele umndeni wakho.

     Okwenzeka: “Ngosuku esabaleka ngalo lapho kunomlilo wequbula, sasizilungiselele. Sasinazo izikhwama zezimo eziphuthumayo ezibizwa ngama go-bag. Sasiyithathile nemithi. Sasiziphethe nezingubo zokugqoka. Abanye abantu babetatazela, bengakwazi ukucabanga kahle. Kodwa sasinakho konke esasikudinga futhi ave ngibonga ngalokho!”—uTamara, eCalifornia, e-U.S.A.

  •   Phakathi nesimo sezulu esibi: Gxila kokubaluleke kakhulu.

     Okushiwo iBhayibheli: “Ngisho nalapho umuntu enokuningi, ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—Luka 12:15.

     Incazelo: Ukuphila kubaluleke kakhulu kunezinto umuntu anazo.

     Okwenzeka: “Lapho iSishingishane uLawin b sicekela phansi ikhaya lethu, ngangingazi ukuthi ngenzeni. Kodwa into eyodwa engayenza, ukuthandaza ngobuqotho kuJehova uNkulunkulu. Ngaqaphela ukuthi sasilahlekelwe izinto esasinazo kuphela hhayi ukuphila kwethu.”—uLeslie, ePhilippines.

  •   Ngemva kwesimo sezulu esibi: Ungakhathazeki ngezinkinga zakusasa.

     Okushiwo iBhayibheli: “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo.”—Mathewu 6:34.

     Incazelo: Ungakhathazeki ngokweqile ngezinkinga ezingase zibe khona.

     Okwenzeka: “Ngemva kokuba iSiphepho u-Irma sishiye ikhaya lami ligcwele amanzi, ziningi kakhulu izinqumo okwakufanele ngizenze, ngangicindezeleke kakhulu. Ngazama ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli ngokungakhathazeki ngezinkinga zakusasa. Ngithole ukuthi ngosizo lukaJehova, ngingakwazi ukukhuthazelela izinkinga ezinkulu ebengingakaze ngicabange ukuthi ngingabhekana nazo.”—uSally, eFlorida, e-U.S.A.

 Ukuze uthole ezinye izindlela ongazisebenzisa, funda isihloko esithi “Lapho Kugadla Inhlekelele—Ongakwenza Ukuze Usinde.”

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.

b Sibuye saziwe ngokuthi iSiphepho uHaima.