Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izinhlekelele Zemvelo—Ingabe Ziwubufakazi Bokuthi UNkulunkulu Unonya?

Izinhlekelele Zemvelo—Ingabe Ziwubufakazi Bokuthi UNkulunkulu Unonya?

ABANYE ABANTU BATHI: “UNkulunkulu obusa umhlaba, uyena obangela izinhlekelele zemvelo; ngakho-ke kumelwe ukuba unonya.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Ubani “omubi?” IBhayibheli lithi uSathane. (Mathewu 13:19; Marku 4:15) Ingabe kuyiqiniso lokho? Cabanga ngalokhu: Uma uSathane ebusa izwe wenza abantu babe njengaye, babe nobugovu, bahahe futhi bangabi nomqondo ovulekile. Ingabe lokhu akuchazi isizathu esenza abantu bayiphathe kabi kangaka indawo yabo yokuhlala, umhlaba? Izazi eziningi zixwayisa ngokuthi ukuphatha kabi indawo kungaba nesandla ezinhlekeleleni zemvelo, kungase kuzibangele, kuzenze zibe zimbi nakakhulu noma kwenze abantu bachayeke kakhudlwana kuzo.

Pho kungani uNkulunkulu evumela ukuba uSathane abe nethonya elikhulu kangaka? Impendulo itholakala ngokuba sibuyele emuva ekuqaleni komlando wesintu, lapho abazali bethu bokuqala bevukela uNkulunkulu njengoMbusi. Abantu abaningi baye benza okufanayo kusukela ngaleso sikhathi. Ukukhetha kwabantu ukwenqaba ukubuswa uNkulunkulu kuye kwabenza babuswa isitha sikaNkulunkulu, uSathane. Ngakho, uJesu wabiza uSathane ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 14:30) Ingabe uSathane uzobusa kuze kube phakade? Cha!

UJehova * uyakubona ukuhlupheka okubangelwa uSathane. Empeleni, kumphatha kabi uNkulunkulu ukuhlupheka kwabantu. Ngokwesibonelo, ngesikhathi isizwe sakwa-Israyeli sibhekene nobunzima, iBhayibheli lithi ngoNkulunkulu: “Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye.” (Isaya 63:9) Siyajabula ngokuthi sekuseduze ukuba uNkulunkulu aqede ukubusa kukaSathane okunonya. Umise iNdodana yakhe uJesu Kristu ukuba ibe iNkosi elungile nenobulungisa eyobusa phakade.

INDLELA OKUKUTHINTA NGAYO: Nakuba ukubusa kukaSathane kuye kwahluleka ukuvikela abantu ezinhlekeleleni zemvelo, ukubusa kukaJesu kuzobavikela. UJesu wake wavikela abafundi bakhe esivunguvungwini esinamandla. Ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Wawukhuza umoya futhi wathi kulo ulwandle: ‘Shh! Thula!’ Umoya wanqamuka, kwaba nokuzola okukhulu.” Abafundi bathi: “Ungubani ngempela lo, ngoba ngisho nomoya nolwandle kuyamlalela?” (Marku 4:37-41) Okwenzeka lapho kusiqinisekisa ngokuthi lapho esebusa njengeNkosi, uJesu uyovikela bonke abantu abalalelayo.—Daniyeli 7:13, 14.

^ isig. 5 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.