NgokukaJohane 14:1-31

  • UJesu, uwukuphela kwendlela yokusondela kuBaba (1-14)

    • “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila” (6)

  • UJesu uthembisa ukunikeza umoya ongcwele (15-31)

    • “UBaba mkhulu kunami” (28)

14  “Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke. + Bonisani ukholo kuNkulunkulu; + nibonise ukholo nakimi.  Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi. Ukube bekungenjalo, bengizonitshela, ngoba ngiyahamba ngiyonilungisela indawo. +  Kanti, uma ngihamba nginilungisela indawo, ngiyobuye ngize mina uqobo nginamukele ekhaya, ukuze lapho ngikhona nani nibe khona. +  Nendlela eya lapho ngiya khona niyayazi.”  UTomase + wathi kuye: “Nkosi, asazi ukuthi uyaphi. Singayazi kanjani indlela?”  UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela + neqiniso + nokuphila. + Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami. +  Ukube nina madoda beningazi mina, benizomazi noBaba; kusukela manje kuqhubeke seniyamazi futhi nimbonile.” +  UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sibonise uYihlo, kwanele lokho kithi.”  UJesu wathi kuye: “Ngisho nangemva kwesikhathi eside kangaka nginani, awukangazi Filiphu? Ongibonile mina umbonile noBaba futhi. + Usho kanjani ukuthi, ‘Sibonise uYihlo’? 10  Awukholwa yini ukuthi ngimunye noBaba nokuthi uBaba umunye nami? + Izinto engizisho kini angizikhulumi ngokusuka kimi, + kodwa uBaba ohlale emunye nami wenza imisebenzi yakhe. 11  Ngikholweni ukuthi ngimunye noBaba, noBaba umunye nami; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi ngokwayo. + 12  Ngiqinisile impela ngithi kini, noma ubani obonisa ukholo kimi uyokwenza nemisebenzi engiyenzayo; futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunale, + ngoba ngiyahamba ngiya kuBaba. + 13  Noma yini eniyicela egameni lami, ngiyoyenza, ukuze uBaba akhazinyuliswe ngeNdodana. + 14  Uma nicela noma yini egameni lami, ngiyoyenza. 15  “Uma ningithanda, niyogcina imiyalo yami. + 16  Ngizocela uBaba futhi uzoninika omunye umsizi* ukuze abe nani kuze kube phakade, + 17  umoya weqiniso, + izwe elingenakuwamukela, ngoba aliwuboni futhi aliwazi. + Nina niyawazi, ngoba uhlala nani futhi ukini. 18  Ngeke nginishiye nodwa.* Ngiyeza kini. + 19  Kusele isikhashana izwe lingabe lisangibona, kodwa nina nizongibona, + ngoba ngiyaphila nani niyophila. 20  Ngalolo suku niyokwazi ukuthi ngimunye noBaba nokuthi nani nimunye nami, nami ngimunye nani. + 21  Noma ubani onemiyalo yami futhi oyigcinayo, nguye ongithandayo. Kanti noma ubani ongithandayo uyothandwa nguBaba, nami ngiyomthanda futhi ngiyozibonakalisa ngokucacile kuye.” 22  UJuda, + okungeyena u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenzenjani uze uhlose ukuzibonakalisa ngokucacile kithi hhayi ezweni?” 23  UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyogcina izwi lami, + noBaba uyomthanda, futhi siyoza kuye sihlale naye. + 24  Noma ubani ongangithandi akawagcini amazwi ami. Izwi enilizwayo akulona elami, kodwa elikaBaba ongithumile. + 25  “Ngikhulume lezi zinto kini ngisenani. 26  Kodwa umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, wona uyonifundisa zonke izinto futhi unikhumbuze zonke izinto enginitshele zona. + 27  Nginishiyela ukuthula; ngininika ukuthula kwami. + Angininiki kona ngendlela izwe elikunikeza ngayo. Ningazivumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke futhi ningazivumeli zikhwantabale ngenxa yokwesaba. 28  Nizwile ukuthi ngithe kini, ‘ngiyahamba futhi ngiyabuya kini.’ Uma beningithanda, beniyojabula ngokuthi ngiyahamba ngiya kuBaba, ngoba uBaba mkhulu kunami. + 29  Ngakho manje nginitshele ngaphambi kokuba kwenzeke, ukuze lapho kwenzeka nikholwe. + 30  Ngeke ngisakhuluma okuningi nani, ngoba uyeza umbusi waleli zwe, + futhi akangibambanga ndawo. *+ 31  Kodwa ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, ngenza njengoba nje uBaba engiyalile. + Sukumani, masihambe lapha.

Imibhalo yaphansi

Noma, “umduduzi.”
Noma, “niyizintandane.”
Noma, “akanamandla phezu kwami.”