Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGASONDELA KUNKULUNKULU

Ingabe Uyakhuluma NoNkulunkulu?

Ingabe Uyakhuluma NoNkulunkulu?

Abangane baxhumana njalo uma izimo zivuma, kungakhathaliseki ukuthi babonana ubuso nobuso, baxhumana ngocingo, nge-e-mail, nge-video noma ngencwadi. Ngakho, ukuze sisondele kuNkulunkulu, kudingeka sikhulume naye njalo. Singakwenza kanjani lokho?

Singakhuluma noJehova ngomthandazo. Nokho, ukuthandaza kuNkulunkulu akufani nengxoxo evamile esingaba nayo nontanga. Kumelwe sazi ukuthi lapho sithandaza, sikhuluma noMdali wethu, oPhezukonke endaweni yonke. Lokhu kufanele kusishukumisele ukuba sithandaze ngenhlonipho ejulile. Ukuze uNkulunkulu ayizwe futhi ayamukele imithandazo yethu, kunezinye izinto okufanele sizenze. Nazi ezinye ezintathu.

Okokuqala, imithandazo kufanele iqondiswe kuJehova uNkulunkulu kuphela—hhayi kuJesu, ‘kusanta’ noma emfanekisweni. (Eksodusi 20:4, 5) IBhayibheli lisho ngokucacile: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.” (Filipi 4:6) Okwesibili, imithandazo kumelwe yenziwe egameni leNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu. UJesu ngokwakhe wathi: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Okwesithathu, imithandazo yethu kumelwe ivumelane nentando kaNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” *1 Johane 5:14.

Abangane bayakujabulela ukuxoxa bobabili kaningi ngangokunokwenzeka

Yiqiniso, ubungane ngeke buhlale isikhathi eside uma kuhlale kukhuluma umuntu oyedwa. Njengoba nje abangane bekujabulela ukuxoxa bobabili, kufanele sivumele uNkulunkulu akhulume nathi futhi nathi kufanele simlalele. Ingabe uyazi ukuthi uNkulunkulu ukhuluma kanjani nathi?

Namuhla, uJehova uNkulunkulu “ukhuluma” nathi ngeZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16, 17) Kungani sisho kanjalo? Ngokwesibonelo, ake sithi uthola incwadi evela kumngane wakho omthandayo. Ngemva kokuyifunda, ungase ngenjabulo utshele abanye, “Umngane wami usanda kungitshela okuthile!” Nokho, usuke engakhulumanga nawe ngokoqobo, kodwa ekubhalele incwadi. Ngendlela efanayo, uma ufunda iBhayibheli usuke uvumela uJehova ukuba akhulume nawe. Yingakho uGina, ocashunwe esihlokweni sokuqala, ethi, “Ngicabanga ukuthi uma ngifuna uNkulunkulu angibheke njengomngane, kufanele ngihlole ‘incwadi’ asibhalele yona—iBhayibheli.” Uyanezela, “Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kuye kwangisondeza eduze noNkulunkulu.” Ingabe uyamvumela uJehova ukuba akhulume nawe njalo ngokufunda iZwi lakhe, iBhayibheli nsuku zonke? Ukwenza kanjalo kuyokusiza ukuba uzizwe usondelene kakhudlwana noNkulunkulu.

^ isig. 5 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela ongasondela ngayo kuNkulunkulu ngomthandazo, bheka isahluko 17 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.