Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Genesise 1:1​—“Ekuqaleni UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba”

Genesise 1:1​—“Ekuqaleni UNkulunkulu Wadala Amazulu Nomhlaba”

 “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”—Genesise 1:1, INguqulo Yezwe Elisha.

 “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.”—Genesise 1:1, King James Version.

Incazelo KaGenesise 1:1

 Leli vesi lokuqala eBhayibhelini lisho amaqiniso amabili abalulekile. Elokuqala, “amazulu nomhlaba” kwaba nesiqalo. Elesibili, kwadalwa uNkulunkulu.—IsAmbulo 4:11.

 IBhayibheli alivezi ukuthi uNkulunkulu wawadala nini amazulu nomhlaba, noma ukuthi wawadala kanjani. Kodwa liyasichazela ukuthi amazulu nomhlaba wawadala esebenzisa “amandla akhe amakhulu namangalisayo.”—Isaya 40:26.

 Igama elithi “wadala” lihunyushwe lisuselwa esenzweni sesiHebheru esisetshenziselwa ukuchaza umsebenzi owenziwa uNkulunkulu kuphela. a EBhayibhelini, nguJehova b uNkulunkulu kuphela obizwa ngokuthi uMdali.—Isaya 42:5; 45:18.

Umongo KaGenesise 1:1

 Leli vesi lokuqala lencwadi kaGenesise lethula indaba yokudala etholakala kuGenesise isahluko 1 no 2. Kusukela kuGenesise 1:1 kuya esahlukweni 2:4, iBhayibheli lixoxa kafushane ngalokho uNkulunkulu akwenza lapho edala umhlaba nazo zonke izinto eziphilayo ezikuwo, kuhlanganise nowesilisa nowesifazane bokuqala. Ngemva kwalokho, iBhayibheli libe selisinikeza imininingwane eyengeziwe mayelana nokudalwa kowesilisa nowesifazane.—Genesise 2:7-25.

 UGenesise uchaza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokudala waqhubeka wathatha izinkathi “eziyizinsuku” eziyisithupha. Kwakungezona izinsuku zamahora angu-24, kodwa kwakuyizinkathi ezingashiwongo ukuthi zazizinde kangakanani. Igama elithi “usuku” lingasebenza nasesikhathini esingewona amahora angu-24. Lokhu kuboniswe kuGenesise 2:4, osebenzisa igama elithi ‘usuku’ ngomqondo ofanayo nelithi ‘isikhathi,’ ukuze ufingqe yonke imisebenzi yokudala uNkulunkulu ayenza ngezinsuku eziyisithupha, uthi wayenza “ngosuku” olulodwa.

Imibono Eyiphutha Mayelana NoGenesise 1:1

 Umbono oyiphutha: UNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba eminyakeni eyizinkulungwane ezimbalwa edlule.

 Iqiniso: IBhayibheli alisho ukuthi amazulu nomhlaba adalwa nini. Elikushoyo kuGenesise 1:1 akuphambani nokusikisela kososayensi okuthi amazulu nomhlaba sekunezigidigidi zeminyaka kukhona. c

 Umbono oyiphutha: UGenesise 1:1 ubonisa ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu ngoba igama lesiHebheru elisetshenziswe kuleli vesi elisho “uNkulunkulu” lisebuningini.

 Iqiniso: Isiqu esithi “Nkulunkulu” sihumusha igama lesiHebheru elithi ’Elo·himʹ, elisebuningini ukuze libonise ubukhosi nobuhle obusezingeni eliphakeme, hhayi inani labantu. I-New Catholic Encyclopedia iyavuma ukuthi igama elisebuningini elithi ’Elo·himʹ elisetshenziswe kuGenesise 1:1 “lihlale lisebunyeni hhayi ebuningini, okubonisa ukuthi alibhekiseli enanini kodwa libhekisela ebuhleni obusezingeni eliphakeme.”—Second Edition, Umqulu 6, ikhasi 272.

Funda uGenesise isahluko 1 kanye nemibhalo yaphansi nezikhombo.

a Ngokuqondene naleli gama, i-HCSB Study Bible ithi: “Isenzo sesiHebheru esithi bara’, esisho ‘ukudala,’ asilokothi sihlotshaniswe nomuntu. Ngakho elithi bara’ libhekisela emsebenzini owenziwa uNkulunkulu kuphela.”— Ikhasi 7.

b Igama elithi Jehova yigama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.

c Lapho incwadi ethi The Expositor’s Bible Commentary ikhuluma ngenkathi eshiwo igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “ekuqaleni” ithi: “Leli gama alisho lutho ngobude baleyo nkathi.”—Revised Edition, Umqulu I, ikhasi 51.