Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova Bayibheka Kanjani Isayensi?

OFakazi BakaJehova Bayibheka Kanjani Isayensi?

 Siyayihlonipha impumelelo yesayensi futhi siyakukholelwa lokho ekutholile okunobufakazi.

 “Isayensi iwukuhlola ubunjalo nokusebenza kwezinto zemvelo nalokho esikufundayo kulokho kuhlola.” (Collins Cobuild Advanced Learner’s English Dictionary) Nakuba iBhayibheli lingeyona incwadi yesayensi, likhuthaza abantu ukuba bahlole imvelo futhi bazuze kulokho okutholwe abanye ngezindlela ezingokwesayensi. Cabanga ngalezi zibonelo:

  •   Isayensi yokuhlolwa kwezinkanyezi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone. Ngubani odale lezi zinto? YiLowo okhipha ibutho lazo ngisho nangesibalo, zonke azibize ngisho nangamagama.”​—Isaya 40:26.

  •   Isayensi yokuhlolwa kwezinto eziphilayo: USolomoni “wayekhuluma ngemithi, kusukela kumsedari oseLebhanoni kuya kuyihisopi elimila odongeni; futhi wayekhuluma ngezilwane nangezidalwa ezindizayo nangezinto ezihambayo nangezinhlanzi.” ​—1 AmaKhosi 4:33.

  •   Isayensi yezokwelapha: “Abaphilile abamdingi udokotela, kodwa abagulayo bayamdinga.”​—Luka 5:​31.

  •   Isayensi yokuhlolwa kwesimo sezulu: “Ungenile yini ezinqolobaneni zeqhwa, noma uyazibona yini ngisho nezinqolobane zesichotho . . . ? Ikuphi, manje . . .  indlela umoya wasempumalanga ohlakazeka ngayo phezu komhlaba?”​—Jobe 38:22-​24.

 Izincwadi zethu zikhuthaza inhlonipho ngesayensi ngokuba nezihloko ezikhuluma ngemvelo nempumelelo yesayensi. Abazali abangoFakazi bakhuthaza izingane zabo ukuba zithole imfundo eyanele ukuze ziwuqonde kangcono umhlaba. OFakazi BakaJehova abathile basebenza emikhakheni yesayensi, ehlanganisa umkhakha wamakhemikhali ezinto eziphilayo, owezibalo nowokusebenza kwemvelo.

Lokho isayensi engenakukwenza

 Asikholelwa ukuthi isayensi inazo zonke izimpendulo. a Ngokwesibonelo, izazi zesayensi yokuma komhlaba zicwaninga ngalokho umhlaba owenziwe ngakho, kanti izazi zesayensi yokusebenza komzimba womuntu zicwaninga ngendlela umzimba osebenza ngayo. Kodwa kungani umhlaba ukulungele kangaka ukuba ube nokuphila, futhi kungani izingxenye zomzimba zisebenza kahle kangaka ndawonye?

 Sifinyelele esiphethweni sokuthi yiBhayibheli kuphela elinezimpendulo ezanelisayo zale mibuzo. (IHubo 139:13-16; Isaya 45:18) Ngakho, sikholelwa ukuthi imfundo enhle ihlanganisa ukufunda kukho kokubili isayensi neBhayibheli.

 Ngezinye izikhathi, isayensi ingase ibonakale iphikisana neBhayibheli. Nokho, okunye kwalokho okubonakala kuwukuphikisana kubangelwa ukungakuqondi kahle lokho okufundiswa iBhayibheli. Ngokwesibonelo, alikufundisi ukuthi umhlaba wadalwa ngezinsuku eziyisithupha ezingokoqobo.​—Genesise 1:1; 2:4.

 Ezinye izimfundiso ezibhekwa njengezesayensi azinabo ubufakazi obanele futhi abanye ososayensi abahlonishwayo abazamukeli. Ngokwesibonelo, njengoba imvelo ibonisa ukuthi yaklanywa othile ohlakaniphile, sivumelana nososayensi abaningi bezinto eziphilayo, bamakhemikhali kanye nabanye abaphethe ngokuthi izinto eziphilayo azizange zizivelele ngenqubo yokuguquguquka kwezakhi zofuzo okungaqondiswa muntu nangokuzikhethela kwemvelo.

a Usosayensi wase-Austria ocwaninga ngezinto zemvelo, u-Erwin Schrödinger, owathola umklomelo kaNobel, wabhala ukuthi isayensi “ngokumangalisayo ayisho lutho ngakho konke . . . okubaluleke kakhulu kithi.” U-Albert Einstein yena wathi: “Sifunde kabuhlungu ukuthi ukucabanga okuhluzekile akwanele ukuze kuxazulule izinkinga zethu zokuphilisana.”