NgokukaJohane 15:1-27

  • Umfanekiso wesihlahla samagilebhisi sangempela (1-10)

  • Umyalo wokubonisa uthando olunjengolukaKristu (11-17)

    • ‘Alukho uthando olukhulu kunalolu’ (13)

  • Izwe liyabazonda abafundi bakaJesu (18-27)

15  “Mina ngiyisihlahla samagilebhisi sangempela, uBaba ungumlimi.  Wonke amagatsha akimi angatheli izithelo uyawasusa, futhi wonke athela izithelo uyawathena,* ukuze athele izithelo eziningi. +  Nina senihlanziwe ngenxa yezwi engilikhulume kini. +  Hlalani nimunye nami, nami ngizohlala ngimunye nani. Njengoba nje igatsha lingenakukwazi ukuthela izithelo ngokwalo ngaphandle kokuba libe sesihlahleni samagilebhisi, nani aninakukwazi, ngaphandle kokuba nihlale nimunye nami. +  Mina ngiyisihlahla samagilebhisi; nina ningamagatsha. Noma ubani ohlala emunye nami, nami ngimunye naye, lowo uthela izithelo eziningi; + ngoba ngaphandle kwami ngeke nenze lutho nhlobo.  Uma umuntu engahlali emunye nami, uphonswa ngaphandle njengegatsha futhi ome. Abantu bayawabutha lawo magatsha bawaphonse emlilweni ashe.  Uma nihlala nimunye nami namazwi ami ehlala kini, celani noma yini eniyifisayo iyokwenzeka kini. +  UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu, ukuba niqhubeke nithela izithelo eziningi futhi nizibonakalise ningabafundi bami. +  Njengoba nje uBaba engithandile, + nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. 10  Uma nigcina imiyalo yami, niyohlala othandweni lwami, njengoba nje nami ngiye ngagcina imiyalo kaBaba futhi ngihlala othandweni lwakhe. 11  “Lezi zinto ngizikhulume kini, ukuze nibe nenjabulo enginayo futhi injabulo yenu igcwale. + 12  Yilo umyalo wami, ukuba nithandane njengoba nje nami nginithandile. + 13  Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele ngokuphila kwakhe ngenxa yabangane bakhe. + 14  Ningabangane bami uma nenza lokho enginiyala ngakho. + 15  Angisanibizi ngokuthi niyizinceku, ngoba inceku ayikwazi lokho inkosi yayo ekwenzayo. Kodwa nginibize ngokuthi ningabangane, ngoba nginitshele zonke izinto engizizwe kuBaba. 16  Akunina eningikhethile, kodwa yimi enganikhetha, nganimisa ukuba niqhubeke nithela izithelo nokuba izithelo zenu zihlale, ukuze noma yini eniyicela kuBaba egameni lami aninike yona. + 17  “Nginiyala ngalezi zinto, ukuze nithandane. + 18  Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi nami lingizondile ngaphambi kokuba lizonde nina. + 19  Uma beniyingxenye yezwe, izwe belizothanda okungokwalo. Manje ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, + kodwa nginikhethile kuleli zwe, ngenxa yalokhu izwe liyanizonda. + 20  Khumbulani izwi enginitshele lona: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma mina bengishushisile, bayonishushisa nani; + uma beligcinile izwi lami, bayoligcina nelenu. 21  Kodwa bayokwenza zonke lezi zinto kini ngenxa yegama lami, ngoba abamazi Lowo ongithumile. + 22  Ukube bengingezanga futhi ngakhuluma nabo, bebengeke babe nasono. + Kodwa manje abanazo izaba ngesono sabo. + 23  Noma ubani ozonda mina uzonda noBaba. + 24  Ukube bengingayenzanga phakathi kwabo imisebenzi okungekho omunye umuntu owake wayenza, bebengeke babe nasono; + kodwa manje bangibonile futhi bangizonda, mina kanye noBaba. 25  Kodwa lokhu kwenzeke ukuze kugcwaliseke izwi elalotshwa eMthethweni wabo: ‘Bangizonda ngaphandle kwesizathu.’ + 26  Lapho efika umsizi engizonithumelela yena evela kuBaba, umoya weqiniso, + ovela kuBaba, yena uyofakaza ngami; + 27  nani futhi, kumelwe nifakaze, + ngoba benilokhu ninami kusukela ekuqaleni.

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “uyawahlanza.”