Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingxenye 4

Indlela Yokusebenzisa Imali

Indlela Yokusebenzisa Imali

“Ngokucebisana amacebo ama aqine.”—IzAga 20:18

Sonke siyayidinga imali ukuze sinakekele izidingo zemindeni yethu. (IzAga 30:8) Phela ‘imali iyisivikelo.’ (UmShumayeli 7:12) Njengabantu abashadile, kungase kungabi lula ukukhuluma ngemali, kodwa ningayivumeli imali ibe yimbangela yezinkinga emshadweni wenu. (Efesu 4:32) Indoda nomkayo kufanele bathembane futhi babambisane lapho benquma ukuthi bazoyisebenzisa kanjani imali.

1 HLELANI KAHLE

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Ngubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?” (Luka 14:28) Kusemqoka ukuba nihlele ndawonye ukuthi nizoyisebenzisa kanjani imali yenu. (Amose 3:3) Nqumani ukuthi yini okudingeka niyithenge nokuthi yimalini eningakwazi ukuyisebenzisa. (IzAga 31:16) Ukuthi ninayo imali yokuthenga okuthile, akusho ukuthi kufanele nikuthenge. Zamani ukugwema izikweletu. Sebenzisani imali eninayo kuphela.—IzAga 21:5; 22:7.

ENINGAKWENZA:

  • Uma kunemali esalayo ekupheleni kwenyanga, nqumani ndawonye ukuthi nizoyisebenzisa kanjani

  • Uma nisebenzise imali engaphezu kweninayo, yenzani izinhlelo eziqondile zokunciphisa izindleko. Ngokwesibonelo, ningadla ekhaya kunokudla ezitolo

2 NINGAFIHLELANI FUTHI YIBANI NOMBONO OFANELE

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: ‘Yenzani ilungiselelo elithembekile, hhayi emehlweni kaJehova kuphela, kodwa nasemehlweni abantu.’ (2 Korinte 8:21) Mtshele iqiniso oshade naye mayelana nemali oyiholayo noyisebenzisayo.

Mazise ngaso sonke isikhathi oshade naye lapho wenza izinqumo ezinkulu ngemali yenu. (IzAga 13:10) Ukuxoxa ngemali kuyosiza kulondoloze ukuthula emshadweni wenu. Imali oyiholayo ungayibheki njengeyakho wedwa, kodwa njengeyomndeni.—1 Thimothewu 5:8.

ENINGAKWENZA:

  • Vumelanani ngokuthi imalini ngamunye angayisebenzisa ngaphandle kokwazisa omunye

  • Ningalindi kuze kuvele inkinga ngaphambi kokuba nikhulume ngemali