Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXENYE 1

Bheka KuNkulunkulu Ukuze Ube Nomshado Ojabulisayo

Bheka KuNkulunkulu Ukuze Ube Nomshado Ojabulisayo

“Owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane.”—Mathewu 19:4

UJehova * uNkulunkulu wasungula umshado wokuqala. IBhayibheli lisitshela ukuthi wadala owesifazane wokuqala, “wayesemletha kumuntu.” U-Adamu wajabula kakhulu waze wathi: “Ekugcineni usekhona oyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” (Genesise 2:22, 23) Namanje, uJehova usafuna ukuba abantu abashadile bajabule.

Lapho ushada, ungase ucabange ukuthi konke kuyoshelela. Kodwa eqinisweni ngisho nendoda nenkosikazi abathandana ngempela bayoba nazo izinkinga. (1 Korinte 7:28) Kule ncwajana, uzothola izimiso zeBhayibheli okuyothi uma uzisebenzisa, zenze umshado nomndeni wakho ujabule.—IHubo 19:8-11.

1 YAMUKELA INDIMA UJEHOVA AKUNIKE YONA

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: Indoda iyinhloko yomndeni.—Efesu 5:23.

Uma ungumyeni, uJehova ulindele ukuba unakekele umkakho ngesisa. (1 Petru 3:7) Wamenza waba umphelelisi wakho futhi ufuna ukuba umphathe ngenhlonipho nangothando. (Genesise 2:18) Kufanele uthande umkakho kakhulu kangangokuba uzimisele ukubeka izidingo zakhe ngaphambi kwezakho.—Efesu 5:25-29.

Uma uyinkosikazi, uJehova ulindele ukuba uhloniphe umyeni wakho ngokujulile futhi umsize afeze indima yakhe. (1 Korinte 11:3; Efesu 5:33) Sekela izinqumo zakhe futhi ubambisane naye ngokugcwele. (Kolose 3:18) Uma wenza kanjalo, uyoba muhle emehlweni omyeni wakho nasemehlweni kaJehova.—1 Petru 3:1-6.

ONGAKWENZA:

  • Buza oshade naye ukuthi ungathuthukisa kuphi njengomyeni noma njengenkosikazi. Lalelisisa futhi wenze okusemandleni ukuze uthuthuke

  • Yiba nesineke. Kuzonithatha isikhathi ukuba nobabili nifunde indlela eningajabulisana ngayo

2 YIKHATHALELE NGEMPELA IMIZWA YOSHADE NAYE

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: Kudingeka uzinake izidingo zomuntu oshade naye. (Filipi 2:3, 4) Mphathe njengoyigugu, ukhumbule ukuthi uJehova ufuna izikhonzi zakhe ‘zibe mnene kubo bonke.’ (2 Thimothewu 2:24) “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile lungukuphulukisa.” Ngakho, wakhethe amazwi akho. (IzAga 12:18) Umoya kaJehova uzokusiza ukuba ukhulume ngomusa nangothando.—Galathiya 5:22, 23; Kolose 4:6.

ONGAKWENZA:

  • Thandazela usizo lokuba uhlale uzolile futhi ube nomqondo ovulekile ngaphambi kokudingida udaba olubucayi noshade naye

  • Cabangisisa ngozokusho nendlela ozokusho ngayo

3 YIBANI MUNYE EKUCABANGENI

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: Lapho ushada, uba “nyamanye” noshada naye. (Mathewu 19:5) Noma kunjalo, nisengabantu ababili abangefani futhi okungenzeka banemibono engafani. Ngakho, kudingeka nifunde ukuba munye ngokucabanga nangemizwa. (Filipi 2:2) Ubunye bubalulekile lapho nenza izinqumo. IBhayibheli lithi: “Ngokucebisana amacebo ama aqine.” (IzAga 20:18) Vumelani izimiso zeBhayibheli ziniqondise lapho nenza izinqumo ezibalulekile ndawonye.—IzAga 8:32, 33.

ONGAKWENZA:

  • Ungagcini ngokuxoxela oshade naye izindaba ezingathi shu noma imibono engasho lutho kodwa mtshele nendlela ozizwa ngayo

  • Qale uxoxe noshade naye ngaphambi kokuzihilela ezibophweni

^ isig. 4 Igama elithi Jehova yigama likaNkulunkulu njengoba lembulwe eBhayibhelini.