Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indawo Ezokunika Udumo

Indawo Ezokunika Udumo

Dawuniloda:

  1. 1. Jehova, Mdali wamazulu,

    Amazul’ angekuthwale,

    Ingasaphathwa eyomhlaba.

    Ngomoya ungahlala la.

    Abant’ abaqondiswa nguwe

    Bahlobis’ indawo yakho.

    Injabulo yakho nobunye;

    Kuyajabulisa kithi.

    (BRIDGE)

    Konke esinakho

    Sikwamukele kuwe.

    Neminikelo yethu,

    S’yamukele kuwe.

    (CHORUS)

    Siyakubonga ngakho konke;

    Sik’dumisa ngamaphimbo.

    Wenz’ ithemba laqiniseka

    Ngale ndaw’ ezok’dumisa.

  2. 2. Jehova wazile sifuna

    Indawo ezok’dumisa

    Isize isikhonzi zakho,

    Nabanye bahambe nawe.

    Mayifezwe injongo yakho.

    Ngale ndawo eyakhiwe,

    Ngomuzwa wok’phuthuma

    Senze umsebenzi kaKrist’ iNkos’

    (BRIDGE)

    Siletha okuhle

    Is’khathi nesinakho.

    Muphi weziph’ ezinhle​—

    Kuyakufanela.

    (CHORUS)

    Siyakubonga ngakho konke;

    Sik’dumisa ngamaphimbo.

    Wenz’ ithemba laqiniseka

    Ngale ndaw’ ezok’dumisa.