Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sengenza Ushintsho

Sengenza Ushintsho

Dawuniloda:

  • Iphepha Lamanothi

  1. 1. Beng’lokhu ng’cabanga​—

    Ngenkonzo yam’

    Yok’khonz’ uJehova

    Seyigida ndawonye.

    Akukh’ intuthuko kwengikwenzayo.

    Is’khathi soshintsho s’fikile​—

    Sengikulungele.

    (CHORUS)

    Manje ngenz’ ushintsho ngiqala manje.

    Ngiqal’ okusha, yiyo indlela.

    Jehova ng’yabona mangenzeni.

    Seng’shintsha ukwenza, ngithembe wena.

  2. 2. Kudinga is’bindi,

    Seng’yabona

    Ukuthi uk’shintsha

    Kuyangivuselela.

    Lapho ng’zam’ okusha ngiba nomfutho.

    Abevulekil’ amathuba,

    Kodwa ang’wabonanga.

    (CHORUS)

    Manje ngenz’ ushintsho yiyo indlela.

    Ngiqal’ okusha, ngaluny’ usuku.

    Jehova ng’yabona mangenzeni.

    Seng’shintsha ukwenza, ngithembe wena.

    (BRIDGE)

    Ngikhumbula kudala,

    Nakuba ngang’ngaqondi.

    Kwak’bukeka kungenakwenzeka bo,

    Kodwa manje ng’yabona

    Is’bindi sangisiza.

    Ngathol’ izibusiso,

    Kusez’ ezinye bo.

    (CHORUS)

    Sengiqal’ okusha ngaluny’ usuku

    Ngizokwenza ushintsho ngendlela.

    Jehova ngibonile mangenzeni.

    Wangibusisa ngokukwethemba kwami.

    (CHORUS)

    Manje ngenz’ ushintsho ngiqala manje.

    Ngiqal’ okusha, yiyo indlela.

    Jehova ng’yabona mangenzeni.

    Sengishintsha ukwenza.

    (CHORUS)

    Manje ngenz’ ushintsho yiyo indlela.

    Ngiqal’ okusha, ngaluny’ usuku.

    Jehova ng’yabona mangenzeni.

    Sengishintsha ukwenza, ngithembe wena.​—

    Ngithembe wena.