Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Umbono WeBhayibheli

Ingabe UNkulunkulu Usebenzisa Izinhlekelele Zemvelo Ukuze Ajezise Abantu Namuhla?

Ingabe UNkulunkulu Usebenzisa Izinhlekelele Zemvelo Ukuze Ajezise Abantu Namuhla?

ABANYE abantu bakholelwa ukuthi uNkulunkulu usebenzisa izinhlekelele zemvelo ukuze ajezise abantu. Abanye abawamukeli lowo mbono. Kanti abanye abazi ukuthi yini okufanele bayikholelwe. Omunye uprofesa wezifundo zenkolo wathi: “Izinkolo eziningi ziyavuma ukuthi akekho ongasho ngokuqiniseka ukuthi izinhlekelele zemvelo ziyintando kaNkulunkulu.”

Nokho, iBhayibheli linikeza izimpendulo ezigculisayo. Linikeza ukuqonda endabeni yokuthi uNkulunkulu uyazithumela yini izinhlekelele zemvelo ukuze ajezise abantu namuhla. Libuye lisikhanyisele nokuthi iyini imbangela yokuhlupheka abaningi ababhekene nakho.

ImiBhalo Yembula Inqubo KaNkulunkulu

IBhayibheli lembula amaqiniso amabili ayisisekelo ngoNkulunkulu, ogama lakhe linguJehova. Okokuqala, unguMdali futhi ngenxa yalokho unamandla negunya lokulawula amandla emvelo emhlabeni. (IsAmbulo 4:11) Okwesibili, izenzo zakhe zihlale zivumelana nobuntu bakhe, izimfanelo nezimiso zakhe. KuMalaki 3:6 uthi: “NginguJehova; angizange ngishintshe.” Unala maphuzu engqondweni, cabanga ngezenzakalo ezimbili zesikhathi esidlule, esinye sihilela uzamcolo kanti esinye sihilela isomiso. Uzobona ukuthi emlandweni weBhayibheli, lapho uNkulunkulu esebenzisa amandla emvelo ukuze akhiphe isahlulelo, wayehlale enikeza (1) isixwayiso, (2) isizathu, kanye (3) nesivikelo kubakhulekeli bakhe abalalelayo.

Uzamcolo Wosuku LukaNowa

Isixwayiso.

Kusasele amashumi eminyaka ngaphambi kukaZamcolo, uJehova watshela uNowa: “Mina, bheka ngiletha uzamcolo wamanzi phezu komhlaba ukuba ngichithe phansi kwamazulu yonke inyama.” (Genesise 6:17) UNowa, “umshumayeli wokulunga,” waxwayisa abantu, kodwa ‘abanakanga.’—2 Petru 2:5; Mathewu 24:39.

Isizathu.

UJehova wamemezela: “Ukuphela kwayo yonke inyama sekufikile phambi kwami, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yayo.”—Genesise 6:13.

Isivikelo kubakhulekeli bakhe abalalelayo.

UJehova wanika uNowa iziqondiso eziningiliziwe mayelana nokwakha umkhumbi owawuzobasindisa kuZamcolo. ‘UNowa nalabo ababenaye emkhunjini basinda.’—Genesise 7:23.

Isomiso Kwa-Israyeli

Isixwayiso.

Ngaphambi kokuba uNkulunkulu alethe isomiso esinzima kwa-Israyeli, umprofethi wakhe u-Eliya wamemezela: “Ngeke abe khona amazolo noma imvula kule minyaka, ngaphandle kokuba kuphumé umyalo emlonyeni [kaNkulunkulu]!”—1 AmaKhosi 17:1.

Isizathu.

Ukukhulekela kuka-Israyeli unkulunkulu wamanga uBhali kwashukumisa uJehova ukuba athathe lesi sinyathelo. Lapho echaza, u-Eliya wathi: “Nina niyishiyile imiyalo kaJehova, nalandela oBhali.”—1 AmaKhosi 18:18.

Isivikelo kubakhulekeli bakhe abalalelayo.

UJehova wabanikeza ukudla abakhulekeli bakhe abalalelayo ngesikhathi sesomiso.—1 AmaKhosi 17:6, 14; 18:4; 19:18.

Okwembulwa Inqubo KaNkulunkulu

Namuhla abukho ubufakazi bokuthi izinhlekelele zemvelo ziyingxenye yecebo likaNkulunkulu lokujezisa isintu. NjengoNkulunkulu wobulungisa, uJehova akakaze ‘akhukhule olungile kanye nomubi.’ (Genesise 18:23, 25) Wayebanakekela labo ababemlalela. Izinhlekelele zemvelo zanamuhla zehlela amadoda, abesifazane nezingane ngokungakhethi.

Akuyena uNkulunkulu obangela usizi olwehlela abantu

 Ngokusobala, izinhlekelele zemvelo zamanje zehlukile enqubweni yokungenela kukaNkulunkulu etholakala emiBhalweni. Ngaphezu kwalokho, lezi zenzakalo ezivele zenzeke nje azivumelani nobuntu bukaNkulunkulu. UJakobe 1:13 uthi uNkulunkulu akabalingi abantu ngezinto ezimbi, kanti eyoku-1 Johane 4:8 ibhekisela ebuntwini bukaNkulunkulu ngala mazwi: “UNkulunkulu uluthando.” Akunakwenzeka kube nguye obangela usizi olulethwa iziphepho, ukuzamazama komhlaba nezinye izinhlekelele ezifuze lezi ezivele zehlele abantu abangenacala. Ingabe izinhlekelele ezinjalo ziyoke ziphele?

Ukuhlupheka Kuzophela

UJehova uNkulunkulu wayengahlosile ukuba isintu sihlushwe izinhlekelele zemvelo. Intando yakhe iwukuba abantu baphile phakade emhlabeni ngaphansi kwezimo ezinokuthula. Njengoba enza ezinsukwini zikaNowa, uzongenela ezindabeni zasemhlabeni ukuze asuse ububi. Njengenhlalayenza, uJehova uNkulunkulu unikeza isixwayiso kusengaphambili ngokwenza ukuba isigijimi esiyisixwayiso simenyezelwe emhlabeni wonke, ngaleyo ndlela evumela abantu ukuba bathathe izinyathelo ezingabenza basinde.—IHubo 37:9, 11, 29; Mathewu 24:14.