Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lapho Oshade Naye Ephinga

Lapho Oshade Naye Ephinga

“Ngafisa ukufa lapho umyeni wami engitshela ukuthi wayengishiya ngoba esethole omunye umuntu omncane kunami. Lapho ngicabanga ngezinto eziningi engangizidelile ngenxa yakhe, ngaba nomuzwa wokuthi wayedlale ngami.”—UMaria, eSpain.

“Lapho umkami engishiya ngingalindele, kwaba sengathi kunengxenye yami efayo. Ashabalala wonke amaphupho esasinawo nezinhlelo esasizenzile. Ngezinye izikhathi ngangizwa sengathi ngiba ngcono, kodwa zivele ziqale phansi izinsizi.”—UBill, eSpain.

UKUPHINGA komuntu oshade naye kucindezela kakhulu. Abanye bayakwazi ukumthethelela umuntu abashade naye, baphinde baphile ngokuzwana. a Kunoma yikuphi, ukuthola ukuthi umuntu oshade naye akazange athembeke kubangela ubuhlungu obukhulu. Umuntu okuleso simo angabhekana kanjani naso?

AMAVESI EBHAYIBHELI ANGAKUSIZA

Naphezu kobuhlungu obubangelwa ukuphinga, abaningi baye bathola induduzo eBhayibhelini. Bathole ukuthi uNkulunkulu uyabubona ubuhlungu babo futhi uyazwelana nabo.—Malaki 2:13-16.

“Lapho ngikhungethwe yizinkathazo, wangiduduza wangenza ngazola.”—IHubo 94:19.

UBill uyakhumbula: “Lapho ngifunda leli vesi, ngambona uJehova engithoba izinhlungu ngothando, njengoba nje kungenza ubaba onozwela.”

“Koqotho wena wenza ngobuqotho.”—IHubo 18:25.

UCarmen okwaphela izinyanga umyeni wakhe ephinga, uyachaza: “Umyeni wami akazange abe qotho kimi, kodwa ngangiqiniseka ukuthi uJehova yena uqotho. Yena akasoze angidumaza.”

‘Ningakhathazeki ngalutho, kodwa zonke izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa . . . ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda kuyoqapha izinhliziyo zenu.ʼ—Filipi 4:6, 7.

USasha uthi, “Ngangiwafunda ngokuphindaphindiwe la mavesi. Njengoba ngangilokhu ngithandaza, uNkulunkulu wanginika ukuthula.”

Bonke abantu esesixoxe ngabo bake baphelelwa amandla. Kodwa bathembela kuNkulunkulu uJehova, bathola amandla ngokufunda iZwi lakhe. UBill uthi: “Nakuba zonke ezinye izinto zazingahambi kahle, ukholo lwami lwangenza ngaba nesizathu sokuphila. Nakuba ngangihamba ‘esigodini sethunzi elimnyama,’ uNkulunkulu wayenami.”—IHubo 23:4.

a Ukuze uthole ingxoxo ephathelene nokuthi ungamxolela yini umuntu ophingile, sicela ubheke i-Phaphama! ka-Ephreli 22, 1999 enesihloko esithi, “Lapho Umngane Womshado Engathembekile.”