Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lapho Kushona Umuntu Omthandayo

Lapho Kushona Umuntu Omthandayo

“Lapho umfowethu omdala eshona ngokuzumayo, ngavele ngaphelelwa amandla. Ezinyangeni ezalandela ngangimkhumbula, futhi ngizwa ubuhlungu obungathi ngihlatshwa ummese enhliziyweni. Ngezinye izikhathi ngangithukuthela. Ngangizibuza: ‘Kungani umfowethu eshonile?’ Ngangizizwa nginecala ngokuthi angizange ngichithe isikhathi esiningi naye.”—UVanessa, e-Australia.

UMA wake washonelwa umuntu omthandayo kungenzeka ukuthi nawe wazizwa udabukile, unesizungu futhi uphelelwe amandla. Kungenzeka nokuthi wathukuthela, wazisola futhi wazizwa wesaba. Kungenzeka wazibuza nokuthi usaphilelani.

Ayikho into embi ngokuzizwa udabukile. Kubonisa ukuthi ubumthanda umuntu oshonile. Nokho, kungenzeka yini ube ngcono naphezu kobuhlungu obuzwayo manje?

INDLELA ABANYE ABABHEKANE NGAYO NALESI SIMO

Nakuba ungase ubone sengathi ubuhlungu obuzwayo ngeke buphele, amaphuzu alandelayo angakusiza uzizwe ungcono:

ZINIKE ISIKHATHI ESANELE SOKULULAMA

Ayifani indlela abantu abaveza ngayo usizi lwabo futhi kwabanye kuthatha isikhathi kanti kwabanye kuyashesha. Ukukhala kungakusiza unciphise ubuhlungu obuzwayo. UVanessa uthi, “Ngangivele ngikhale. Kwakungisiza ngisuse ubuhlungu obusenhliziyweni.” USofía owashonelwa udadewabo ngokuzumayo uthi, “Kubuhlungu ukucabanga ngalokho okwenzeka. Kuba sengathi ngikhama isilonda esinobovu. Lobo buhlungu abubekezeleleki, kodwa kwenza isilonda siphole.”

KHULUMA NGALOKHO OKUCABANGAYO NENDLELA OZIZWA NGAYO

Kuyaqondakala ukuthi ngezinye izikhathi ungase ufise ukuba wedwa. Kodwa akulula ukubhekana nosizi lokushonelwa uwedwa. UJared oneminyaka engu-17, owashonelwa ubaba wakhe uyakhumbula: “Ngangikhuluma nabanye ngendlela engangizizwa ngayo. Angiqiniseki noma babekuqonda yini engangikusho, kodwa ukuveza indlela engangizizwa ngayo kwakungisiza.” UJanice okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala ubonisa ezinye izinzuzo: “Ukukhuluma nabanye kwakungiduduza ngempela. Ngangibona ukuthi bayayiqonda indlela engizizwa ngayo, ngenxa yalokho angizizwanga ngingedwa.”

YAMUKELA USIZO

Omunye udokotela uthi: “Lapho abantu abashonelwe bevumela izihlobo nabangane ukuba babasize ngokushesha ngemva kokushonelwa, kuba lula ngabo ukubhekana nosizi lwabo.” Batshele abangane bakho ukuthi yini oyidingayo. Kungenzeka bayafuna ukukusiza, kodwa abazi ukuthi bangakusiza kanjani.—IzAga 17:17.

SONDELA KUNKULUNKULU

UTina uthi: “Lapho umyeni wami ebulawa umdlavuza ngokuzumayo, ngangingasakwazi ukuxoxa naye ngezinto ezingikhathazayo nendlela engangizizwa ngayo. Ngakho lezo zinto ngase ngizitshela uNkulunkulu! Njalo ekuseni ngangimcela ukuba angisize ngikwazi ukuluqeda usuku. UNkulunkulu wangisiza ngezindlela eziningi engingeke ngikwazi ukuzibala.” UTarsha owayeneminyaka engu-22 lapho umama wakhe eshona, uthi: “Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kwakungiduduza. Ngangihlale ngithola into engikhuthazayo, bese ngicabanga ngayo.”

CABANGA NGESIKHATHI OYOPHINDE UMBONE NGASO

UTina uyaqhubeka, uthi: “Ngesikhathi umyeni wami esanda kushona ithemba lovuko lalingangiduduzi kangako ngoba ngangimdinga ngaleso sikhathi, nabafana bami babedinga ubaba wabo. Nokho njengoba sekudlule iminyaka emine ashona, ithemba lovuko yilona eselingiduduza. Lingigcina ngiphila futhi nginethemba ngekusasa. Kuyangijabulisa futhi kungenza ngibe nokuthula ukucabanga ngesikhathi esiyophinde sihlangane ngaso!”

Ngeke ubuhlungu obuzwayo buphele ngokushesha. Nokho, lokho okwenzeka kuVanessa kungakukhuthaza. Uthi: “Ungase ucabange ukuthi awusoze wazizwa ungcono, kodwa ngokuhamba kwesikhathi buzoncipha ubuhlungu obuzwayo.”

Khumbula, nakuba ungeke uyeke ukucabanga ngomuntu omthandayo owashona, zisekhona izizathu zokuba uqhubeke nokuphila. Ngosizo lukaNkulunkulu, ungaqhubeka ujabulela ubungane obufudumele nabanye, futhi ube nesizathu sokuqhubeka uphila. Maduze uNkulunkulu uzobavusa abafile. Uyafuna ukuba nawe wamukele umuntu omthandayo lapho esevuswa. Ngaleso sikhathi, ubuhlungu obusenhliziyweni yakho buyoqedwa ngokuphelele!