Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngiyakuthanda ukuhlala nentsha yasebandleni

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngangiyithanda Ngenhliziyo Yami Yonke!

Ngangiyithanda Ngenhliziyo Yami Yonke!
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1928

  • IZWE AZALELWA KULO: ECOSTA RICA

  • UMLANDO: WAYEZIFELA NGE-BASEBALL NOKUGEMBULA

UKUPHILA KWAMI

Ngakhulela ePuerto Limón, okuyitheku elisempumalanga yeCosta Rica. Singu-8 ekhaya, mina ngingowesi-7. Ubaba washona ngina-8. Ngakho, sakhuliswa ngumama.

Kusukela ngisemncane ngangizifela ngokudlala i-baseball. * Lapho sengizoba neminyaka engu-20, ngaqala ukudlala eqenjini elisesigabeni esiphansi ezingeni elikhokhelayo. Ngemva kweminyaka ethile ngidlala kulesi sigaba, ngacelwa ukuba ngiyodlalela iqembu elikhulu eNicaragua. Kodwa ngenxa yokuthi umama wayegula ngaleso sikhathi futhi ngimnakekela, ngangingeke ngikwazi ukuyohlala eNicaragua. Ngakho, ngenqaba. Ngokuhamba kwesikhathi, ngacelwa ukuba ngiyodlalela iqembu lesizwe laseCosta Rica, elalinabadlali besigaba esiphansi. Kulokhu, ngavuma. Ngadlalela iqembu lesizwe kusukela ngo-1949 kwaze kwaba ngu-1952, ngadlala imidlalo eminingi eCuba, eMexico naseNicaragua. Ngangiwumpetha ekunqakeni ibhola, ngake ngadlala imidlalo engu-17 kungekho bhola elalingiphunyuka. Uma izihlwele sezibiza igama lami ngangivele ngihlanye!

Ngokudabukisayo, ngaqala ukuziphatha kabi. Wayekhona engangithandana naye kodwa ngangingadlulwa siketi, ngiyisidakwa. Ngelinye ilanga ngadakwa ngangazazi nokuthi ngiwubani, lapho ngivuka ekuseni ngangingasakhumbuli nokuthi ngifike kanjani ekhaya! Ngangigembula ngidlala ne-lotto.

Kusenjalo, umama waba uFakazi kaJehova. Wazama ukungifundisa ngenkolo yakhe entsha kodwa wahluleka ngoba ngangiwuthanda ngokujulile lo mdlalo. Uma ngisenkundleni ngiziqeqesha ngesikhathi sokudla ngangingalambi nokulamba, ngangigxile emdlalweni. Ngangiwuthanda lo mdlalo ngenhliziyo yami yonke.

Lapho ngineminyaka engu-29 ngalimala kakhulu ngithi ngizama ukunqaka ibhola ngesikhathi sidlala. Lapho sengingcono ngayeka ukudlala esigabeni esikhokhelayo. Noma kunjalo, ngaqhubeka ngiqeqesha abadlali abadlala emaqenjini asesigabeni esiphansi endaweni yangakithi.

INDLELA IBHAYIBHELI ELANGISHINTSHA NGAYO

Ngo-1957, ngaya emhlanganweni woFakazi BakaJehova owawusenkundleni engake ngadlala kuyo. Kulo mhlangano ngabona umahluko phakathi kwendlela oFakazi abaziphatha ngayo nendlela yokuziphatha yabalandeli bomdlalo engangiwudlala. Engakubona kwangenza ngatadisha iBhayibheli noFakazi futhi ngaya emihlanganweni yabo ebandleni.

Ngazithanda kakhulu izinto engazifunda eBhayibhelini. Enye yazo ukuthi uJesu wathi ezinsukwini zokugcina abalandeli bakhe babeyoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14) Ngafunda nokuthi amaKristu eqiniso awashumayeli ngoba efuna ukuthola imali. UJesu wathi: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.”—Mathewu 10:8.

Njengoba ngangitadisha iBhayibheli ngangiqhathanisa lokho elikushoyo nalokho engangikubona koFakazi BakaJehova. Ngangibahlonipha ngokuzikhandla kwabo beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke. Babepha njengoba uJesu ayala amaKristu ukuba aphane. Ngakho lapho ngifunda uMarku 10:21 futhi ngibona isimemo sikaJesu sokuba ngibe ‘umlandeli wakhe’ ngafisa ukuba uFakazi.

Kodwa kwathatha isikhathi ukuba ngibe yilokho engangikufisa. Ngokwesibonelo, kwase kuyiminyaka eminingi ngidlala ngenamba yami “yenhlanhla” lapho ngidlala i-lotto. Ngabe sengifunda eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu akabafuni abantu abakhonza “unkulunkulu weNhlanhla” nabantu abahahayo. (Isaya 65:11; Kolose 3:5) Ngakho nganquma ukuyeka ukugembula. NgeSonto lokuqala ngiyeke ukudlala i-lotto inamba yami “yenhlanhla” yaphuma. Abantu babengidelela ngoba ngangingadlalanga ngalelo sonto futhi babengicindezela ukuba ngiphinde ngidlale kodwa angibange ngisadlala. Angiphindanga ngagembula.

‘Ubuntu bami obusha’ baphinde bavivinywa ngosuku engabhapathizwa ngalo emhlanganweni woFakazi BakaJehova. (Efesu 4:24) Ngalolo suku, ngaya ehhotela engangihleli kulo ngafica intombi yami yakudala ingilinde emnyango. Yathi kimi, “Woza Sammy sizijabulise.” Ngokushesha ngathi “Angifuni!” Ngayikhumbuza ukuthi ngase ngiphila ngemithetho yeBhayibheli. (1 Korinte 6:18) “Ini?” isho ngolaka. Yahlekisa ngezinkolelo zami ezintsha futhi yafuna ukuba sibuyelane ngenkani. Noma kunjalo, ngangena endlini yami ngakhiya. Kuyangijabulisa ukuthi selokhu ngaba uFakazi ngo-1958 bengilokhu ngiziphethe kahle.

IZINZUZO ENGIZITHOLILE

Kungashona ilanga uma ngingabala izinzuzo engizithole ngokufunda iBhayibheli! Manje nginabangane abaningi beqiniso, ukuphila okunenjongo nenjabulo yangempela.

Ngisayidlala i-baseball kodwa sengiyakwazi okubalulekile. Ngesikhathi ngisengumdlali okhokhelwayo ngaduma, ngaba nemali kodwa lokho kwaphela. Kodwa ubuhlobo bami noNkulunkulu kanye nabazalwane engikanye nabo buyohlala phakade. IBhayibheli lithi, “Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Manje, ayikho into engiyithanda ngaphezu kukaJehova uNkulunkulu nabantu bakhe!

^ isig. 9 I-baseball umdlalo odlalwa amaqembu amabili anabadlali abangu-9 eqenjini ngalinye. Umdlali oyedwa ujikijela ibhola bese umdlali waleli elinye iqembu azame ukulishaya ngenduku.