Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ulwazi Olusisondeza KuNkulunkulu

Ulwazi Olusisondeza KuNkulunkulu

UMdali wethu akawona nje amandla athile. Unobuntu obuthandekayo. Ufuna sifunde ngaye futhi sisondele kuye. (Johane 17:3; Jakobe 4:8) Yingakho esitshela okuningi ngaye.

UMdali Wethu Unegama

“Abantu mabazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, Wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”​—IHUBO 83:18.

IBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova uyena yedwa onguNkulunkulu weqiniso. UnguMdali womhlaba nakho konke okuphilayo. Nguye yedwa okufanele simkhonze.​—IsAmbulo 4:11.

UJehova UnguNkulunkulu Onothando

“UNkulunkulu uluthando.”​—1 JOHANE 4:8.

UJehova usebenzise iBhayibheli nezinto azidalile ukuze asibonise ukuthi unobuntu obunjani. Ubuntu bakhe obuvelele uthando. Uthando luchaza lokho ayikho. Uma siqhubeka sifunda ngoJehova, simthanda ngisho nakakhulu.

UJehova UnguNkulunkulu Othethelelayo

“UnguNkulunkulu ozimisele ukuthethelela.”​—NEHEMIYA 9:17.

UJehova uyazi ukuthi sinesono. Ngakho ‘uzimisele ukusithethelela.’ Lapho sixolisa bese senza konke okusemandleni ukuze siyeke okubi uzosixolela futhi angasibambeli amagqubu.​—IHubo 103:12, 13.

UJehova Uyathanda Ukuba Sithandaze Kuye

“UJehova useduze nabo bonke abambizayo  . . . uyakuzwa ukukhalela kwabo usizo.”​—IHUBO 145:18, 19.

UJehova akalindele ukuba senze imikhosi eyinkimbinkimbi noma sisebenzise izithixo lapho simkhonza. Ulalela imithandazo yethu njengoba nje abazali abanothando belalela izingane zabo abazithandayo.