Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Sihlupheka, Siguga Futhi Sifa?

Kungani Sihlupheka, Siguga Futhi Sifa?

UMdali wethu usibheka njengezingane zakhe. Ngakho akafuni sihlupheke. Kodwa ukuhlupheka kugcwele yonke indawo. Kungani?

Abazali Bethu Bokuqala Yibo Ababangela Ukuba Sihlupheke

“Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, ngaleyo ndlela ukufa kwasakazekela kubantu bonke.”​—ROMA 5:12.

UNkulunkulu wadala abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, benezingqondo nemizimba engenasono. Wabanikeza nekhaya eliyipharadesi emhlabeni​—elibizwa ngokuthi yingadi yase-Edeni. Wabatshela ukuthi bangadla kuzo zonke izihlahla ezisengadini, ngaphandle kwesisodwa. Kodwa u-Adamu no-Eva bakhetha ukusidla isithelo saleso sihlahla esenqatshelwe futhi lokho kwakuyisono. (Genesise 2:15-17; 3:1-19) Ngemva kokuba bengalalelanga, uNkulunkulu wabaxosha kuleyo ngadi futhi ukuphila kwabo kwaba nzima. Ngokuhamba kwesikhathi, baba nezingane, nazo zaphila kanzima. Bonke baguga futhi bafa. (Genesise 3:23; 5:5) Siyagula, siguge futhi sife ngenxa yokuthi siyinzalo yalowo mndeni.

Imimoya Emibi Iyanezela Ekuhluphekeni Kwethu

“Lonke izwe lisemandleni omubi.”​—1 JOHANE 5:19.

“Omubi” okukhulunywa ngaye ubizwa ngokuthi uSathane. Uyisidalwa somoya esingabonakali esavukela uNkulunkulu. (Johane 8:44; IsAmbulo 12:9) Kamuva nezinye izidalwa zomoya zavukela futhi zalandela uSathane. Zibizwa ngokuthi amademoni. Le mimoya emibi isebenzisa amandla ayo ukuze ikhohlise abantu futhi ibenze bangamlaleli uMdali. Ithonya abantu abaningi ukuba benze izinto ezimbi. (IHubo 106:35-38; 1 Thimothewu 4:1) USathane namademoni kuyabajabulisa ukuzwisa abantu ubuhlungu nokubenza bahlupheke.

Ngezinye Izikhathi Yithi Esizibangela Ukuhlupheka

“Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”​—GALATHIYA 6:7.

Sonke siyahlupheka ngezindlela ezihlukahlukene ngenxa yesono esasithola kubazali bethu bokuqala nangenxa yokuthi abantu abaningi esiphila nabo bathonywe uSathane. Kodwa ngezinye izikhathi abantu bazibangela bona ukuhlupheka. Kanjani? Lapho benza izinto ezimbi noma izinqumo eziwubuwula, bavame ukuvuna imiphumela emibi. Ngakolunye uhlangothi, lapho abantu benza izinto ezinhle, bavuna imiphumela emihle. Ngokwesibonelo, umyeni nobaba othembekile osebenza kanzima futhi owuthandayo umndeni wakhe, uzovuna okuningi okuhle, enze nomndeni wakhe ujabule. Kodwa ogembulayo, ophuza kakhulu noma ovilaphayo angenza yena nomndeni wakhe bahlupheke. Ngakho, senza ngokuhlakanipha uma silalela uMdali wethu. Ufuna sivune izinto eziningi ezinhle, kuhlanganise ‘nokuthula okuchichimayo.’​—IHubo 119:165.

Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”

“Ezinsukwini zokugcina . . . , abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali,  . . . abangalaleli abazali, . . . abangakwazi ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle.”​—2 THIMOTHEWU 3:1-5.

Namuhla, abantu abaningi baziphatha njengoba imiBhalo yabikezela. Indlela abaziphatha ngayo iwubufakazi bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zaleli zwe. ImiBhalo yabikezela nokuthi isikhathi esiphila kuso sasiyobonakala ngezimpi, ukusweleka kokudla, ukuzamazama okukhulu komhlaba nezifo. (Mathewu 24:3, 7, 8; Luka 21:10, 11) Lezi zinto zibangela ukuhlupheka okukhulu nokufa.