Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimfundiso Ezisenza Sibe Nethemba

Izimfundiso Ezisenza Sibe Nethemba

UNkulunkulu uthembise ukuthi maduze kuzoba nezinguquko ezijabulisayo. Uzokuqeda ukuhlupheka, enze abantu bakujabulele ukuphila emhlabeni. (IHubo 37:11) Kungani kufanele sikholwe ukuthi lesi sithembiso sizogcwaliseka? Kungenxa yokuthi “uNkulunkulu akayena umuntu yena oqamba amanga.” (Numeri 23:19) Ake sibheke ezinye zezinto ezinhle uMdali wethu azozenza.

UNkulunkulu Uzobaqeda Abantu Ababi

“Lapho ababi behluma njengokhula nabo bonke abenza okubi banda, kungenjongo yokuba babhujiswe kuze kube phakade.”​—IHUBO 92:7.

Njengoba sifundile ezihlokweni ezedlule, ububi buqhubeka banda. Lokhu akumelwe kusimangaze. Empeleni, iBhayibheli labikezela kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5 ukuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu babeyoba babi nakakhulu. Izinsuku zokugcina zani? Zaleli zwe elinabantu abangafuni ukulalela uNkulunkulu. Maduze, uNkulunkulu uzobabhubhisa abantu abangafuni ukushintsha izindlela zabo ezimbi. Emhlabeni kuyobe sekusala abantu abalungile kuphela—labo abalalela uNkulunkulu. “Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.”​—IHubo 37:29.

UNkulunkulu Uzombhubhisa USathane

“UNkulunkulu onika ukuthula, yena uzomchoboza ngokushesha uSathane.”​—ROMA 16:20.

Lapho bonke ababi bengasekho, kuhlanganise noSathane namademoni, umhlaba uzogcwala ukuthula. UMdali wethu uyathembisa: ‘Akekho oyonenza nesabe.’​—Mika 4:4.

UNkulunkulu Uzokuqeda Ukugula Nokufa

“Itende likaNkulunkulu limi phakathi kwabantu . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”​—ISAMBULO 21:3, 4.

Ukuhlupheka nokugula kuzophela ngoba uNkulunkulu uzolungisa wonke umonakalo obangelwe uSathane, u-Adamu, u-Eva nangenxa yokuthi sinesono. Ngenxa yalokho, ngisho ‘nokufa ngeke kusaba khona.’ Abantu abathanda uMdali futhi bamlalele bazophila phakade. Kodwa bazohlala kuphi?

UMdali Wethu Uzokwenza Umhlaba Ube Yipharadesi

“Ihlane nezwe elomile kuyothokoza, ithafa eliwugwadule liyojabula liqhakaze njengesafroni.”​—ISAYA 35:1.

Lapho uNkulunkulu eqeda ababi, umhlaba uzoba yipharadesi! Umhlaba uzogcwala amapaki amahle nezingadi futhi uzokhiqiza ukudla okwanele. (IHubo 72:16) Izilwandle, amachibi nemifula kuzohlanzeka kube nempilo. Abantu ngeke baphinde bakhumbule ukuthi umhlaba uke wangcola! Bazohlala ezindlini ezithi bona abazakhele zona. Ngeke kuphinde kube nomuntu ongenalo ikhaya, olambile noma ohluphekayo.​—Isaya 65:21, 22.

UNkulunkulu Uzobavusa Abafileyo

“Kuyoba khona uvuko.”​—IZENZO 24:15.

Ungathanda yini ukuphinde ubone abantu obathandayo asebashona? UNkulunkulu umninimandla onke uzobabuyisela ekuphileni noma abavusele emhlabeni oyipharadesi. Uzokwazi ukubabona ukuthi bangobani, nabo bazokwazi ukukubona ukuthi ungubani. Cabanga ngenjabulo oyoba nayo, nabo abayoba nayo! Kungani singaqiniseka ngaleli themba? Yingoba iBhayibheli linezibonelo zabantu abadala nezingane uNkulunkulu ababuyisela ekuphileni, wabahlanganisa nemindeni yabo. Ngaphezu kwalokho, uJesu wayevame ukuvusa abantu abafile phambi kofakazi abaningi.​—Luka 8:49-56; Johane 11:11-14, 38-44.