Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe OFakazi BakaJehova Banabo Abafundisi Besifazane?

Ingabe OFakazi BakaJehova Banabo Abafundisi Besifazane?

Yebo, oFakazi BakaJehova banezigidi zabesifazane ezingabafundisi emhlabeni. Bayiqembu elikhulu labashumayeli bezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. IHubo 68:11 liprofetha kanje ngalabo bafundisi: “UJehova ngokwakhe unika izwi; abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.”

Kodwa-ke ungayididanisi inkonzo yabantu besifazane abangoFakazi BakaJehova nenkonzo eyenziwa abefundisi besifazane bezinye izinkolo. Kukhona umehluko omkhulu obenza bangafani. Bahluke ngaziphi izindlela?

Izilaleli zabo zihlukile. Abefundisi besifazane, ikakhulukazi abasemasontweni, baba abaholi ngaphakathi emabandleni abo, futhi ngokuyinhloko bashumayeza abantu abasonta nabo. Abafundisi besifazane abangoFakazi BakaJehova bashumayeza ikakhulukazi abantu abangaphandle kwebandla, umphakathi abahlangana nawo enkonzweni yabo yendlu ngendlu nakwezinye izindawo.

Enye indlela abafundisi besifazane abangoFakazi BakaJehova abahluke ngayo kulabo abakwamanye amasonto, umsebenzi wabo ebandleni. Abefundisi besifazane emasontweni nakwezinye izinkolo bengamela ibandla futhi balifundise izimfundiso zesonto. Kodwa abafundisi besifazane abangoFakazi BakaJehova abafundisi ebandleni uma kukhona abesilisa ababhapathiziwe. Abesilisa abamiswe njengabafundisi kuphela abafundisa ebandleni.—1 Thimothewu 3:2; Jakobe 3:1.

IBhayibheli lithi amadoda kuphela aphathiswe ukwengamela ibandla. Phawula isibonelo esabekwa umphostoli uPawulu lapho ebhalela omunye umbonisi, uThithu: “Ngenxa yalesi sizathu ngakushiya eKrethe, ukuze . . . umise amadoda amadala emzini ngomuzi.” UPawulu wanezela ukuthi indoda ngayinye emisiwe kwakufanele ‘kungabikho cala ebekwa lona, indoda emfazi munye.’ (Thithu 1:5, 6) UPawulu wanika uThimothewu iziqondiso ezifanayo encwadini yakhe ezazichaza indlela izinto okumelwe zenziwe ngayo ebandleni: “Uma umuntu ezama ukufinyelela ukuba umbonisi, ufisa umsebenzi omuhle. Ngakho-ke umbonisi kufanele abe ongasoleki, indoda emfazi munye, . . . enekhono lokufundisa.”—1 Thimothewu 3:1, 2.

Kungani kungamadoda kuphela aphathiswe ukuba engamele ebandleni? UPawulu uthi: “Angimvumeli owesifazane ukuba afundise, noma ukuba abe negunya phezu kwendoda, kodwa ukuba athule. Ngoba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva.” (1 Thimothewu 2:12, 13) Ngakho, ukudalwa kwendoda kuqala kuyisizathu esenza uNkulunkulu wanika amadoda umsebenzi wokufundisa nokwengamela.

Izikhonzi zikaJehova zilandela isibonelo soMholi wazo, uJesu Kristu. Umfundi uLuka wabhala ngenkonzo kaJesu: “Wahamba umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” Kamuva, uJesu wathuma abalandeli bakhe ukuba bayokwenza umsebenzi ofanayo: “Badabula leyo ndawo behamba umzana ngomzana, bememezela izindaba ezinhle.”—Luka 8:1; 9:2-6.

Namuhla, izikhonzi zikaJehova—abesilisa nabesifazane—zinengxenye ebalulekile ekwenzeni lokho uJesu akubikezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.