Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimo Abesifazane Ababhekene Nazo

Izimo Abesifazane Ababhekene Nazo

“Angifisi ngempela ukuba owesifazane uma ngibona indlela abaphathwa ngayo.”—UZAHRA ONEMINYAKA ENGU-15 UBUDALA, ocashunwe kumagazini wesiFulentshi, i-GEO.

AMAZWI entombazane angakwesokudla embula amaqiniso abuhlungu—emhlabeni wonke, ubudlova nokucwaswa kuthinta amantombazane nabesifazane ukuphila kwabo konke. Cabanga ngala maqiniso.

  • Ukucwaswa ngokobulili. E-Asia, abazali abaningi bathanda abafana kunamantombazane. Umbiko wango-2011 we-UN ulinganisela ukuthi kuleyo ngxenye yomhlaba, kushoda cishe izigidi ezingu-134 zabesifazane enanini labantu ngenxa yokukhishwa kwezisu, ukubulawa kwezinsana nokunganakwa.
  • Imfundo. Emhlabeni wonke, abesifazane namantombazane bakha izingxenye ezimbili kwezintathu zabantu abafunda isikole iminyaka engaphansi kwemine.
  • Ukuhlukunyezwa ngokocansi. Abesifazane abayizigidi eziyinkulungwane ezingaphezu kuka-2.6 baphila emazweni lapho kungelona icala ukudlwengula umuntu oshade naye.
  • Impilo. Emazweni asathuthuka, cishe njalo ngemva kwemizuzu emibili kufa owesifazane oyedwa ngenxa yezinkinga zokukhulelwa noma lapho ebeletha ngoba engalutholanga usizo oluyisisekelo lwezempilo.
  • Amalungelo okuba nendawo. Nakuba abesifazane belima ingxenye enkulu yesivuno somhlaba, emazweni amaningi abanalo ilungelo elingokomthetho lokuba nendawo yabo noma ifa lomhlaba.

Kungani abesifazane baye bancishwa amalungelo ayisisekelo? Amanye amasiko alandela izinkolelo zenkolo nemikhuba ekhuthaza noma ngisho ethethelela ukuhlukunyezwa nokuphathwa ngobudlova kwabesifazane. Iphephandaba laseFrance lacaphuna ummeli waseNdiya uChandra Rami Chopra, owathi: “Yonke imithetho yenkolo inokuthile efana ngakho: Isekela ukucwaswa kwabesifazane.”

Ingabe nawe uyavumelana nalokho? Ingabe ucabanga ukuthi iBhayibheli libabukela phansi abesifazane, njengoba izincwadi eziningi zenkolo zenza? Kwabanye, kubonakala sengathi amavesi athile eBhayibheli anikeza lowo mqondo. Kodwa uNkulunkulu weBhayibheli ubabheka kanjani ngempela abesifazane? Nakuba kuyindaba ethinta imizwelo, ukuhlolisisa ngokucophelela lokho iBhayibheli elikushoyo kuyosisiza ukuba sithole izimpendulo.