Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Sondela KuNkulunkulu

“Izizwe Ziyokwazi Ukuthi NginguJehova”

“Izizwe Ziyokwazi Ukuthi NginguJehova”

UBUNGAZIZWA kanjani uma ubungasolwa ngecala ongalenzanga? Ake sithi lelo cala libangela ukuhlupheka kwabanye, kuhlanganise nabantu abaningi abangenacala? Ngokuqinisekile ubungathanda ukugeza igama lakho! Bewazi yini ukuthi uJehova ubhekene nenselele efanayo? Namuhla abaningi basola uNkulunkulu ngokungabi nabulungisa nokuhlupheka okusemhlabeni. Ingabe uJehova uyafuna ukugeza igama lakhe? Yebo uyafuna! Cabanga ngalokho okushiwo incwadi kaHezekeli.—Funda uHezekeli 39:7.

UJehova uthi: “Ngeke ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe.” Lapho abantu bemsola ngokungabi khona kobulungisa, basuke bengcolisa igama lakhe. Kanjani? EBhayibhelini igama elithi “igama” libhekisela edumeleni. Enye incwadi ithi igama likaNkulunkulu libhekisela “kulokho okwaziwayo ngaye—lokho akwambulile ngaye; liphinde limelele udumo lwakhe nokuhlonipheka kwakhe.” Igama likaJehova lihlanganisa nedumela lakhe. Yini eyaziwayo ngoJehova uma kuziwa ekungabini khona kobulungisa? Uyakuzonda! Uyazizwela nezisulu zako. * (Eksodusi 22:22-24) Lapho abantu bethi uNkulunkulu wenza zona kanye izinto azizondayo, basuke bengcolisa idumela lakhe. ‘Baphatha igama lakhe ngendelelo.’—IHubo 74:10.

Phawula ukuthi uJehova uyisebenzisa kabili inkulumo ethi “igama lami elingcwele.” (Ivesi 7) EBhayibhelini, igama likaJehova lihlotshaniswa namagama athi “ngcwele” nelithi “ubungcwele” izikhathi eziningi. Igama elithi “ngcwele” liveza umqondo wokuba ohlukanisiwe; liphinde liveze umqondo wokuhlanzeka nobumsulwa. Igama likaJehova lingcwele ngoba uNkulunkulu obizwa ngalo ungcwele—uhlukaniswe ngokuphelele nanoma yini enesono nengcolile. Uyabona yini ukuthi kungani abantu abasola uJehova ngobubi besuke belihlambalaza ngempela ‘igama lakhe elingcwele’?

Injongo kaJehova yokuhlanza igama lakhe esebenzisa uMbuso wakhe iyisihloko esiyinhloko seBhayibheli. Lesi sihloko siyagcizelelwa encwadini kaHezekeli, esho ngokuphindaphindiwe ukuthi “izizwe ziyokwazi ukuthi nginguJehova.” (Hezekeli 36:23; 37:28; 38:23; 39:7) Phawula ukuthi izizwe ngeke zikhethe ukwazi ukuthi unguJehova yini noma cha. Kunalokho, ‘ziyomazi.’ Ngamanye amazwi, uJehova uhlose ukuthatha isinyathelo esiyophoqa izizwe zalo mhlaba ukuba zibone ukuthi uyilowo athi unguye—uJehova, iNkosi EnguMbusi, ogama lakhe limelela konke okungcwele, okumsulwa nokuhlanzekile.

Isithembiso esiphindwa kaningi esithi “izizwe ziyokwazi ukuthi nginguJehova” siyizindaba ezinhle kulabo abafisa ukubona ukuphela kokungabi nabulungisa nokuhlupheka. Maduze uJehova uzosigcwalisa leso sithembiso futhi asuse isihlamba egameni lakhe. Uyoqeda ububi nalabo ababukhuthazayo, alonde labo abaliqaphelayo futhi balihloniphe igama lakhe nalokho elikumelelayo. (IzAga 18:10) Ingabe uyafuna ukufunda ukuthi ungasondela kanjani kuJehova, uNkulunkulu ongcwele, ‘ongumthandi wobulungisa’?—IHubo 37:9-11, 28.

Izahluko zeBhayibheli ongazifunda ngo-September:

^ isig. 4 Bheka isihloko esithi “Sondela KuNkulunkulu—Umthandi Wobulungisa,” kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2008.