Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Isithembiso Somhlaba Oyipharadesi Sashintsha Ukuphila Kwami!

Isithembiso Somhlaba Oyipharadesi Sashintsha Ukuphila Kwami!
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1974

  • IZWE AZALELWA KULO: ILATVIA

  • UMLANDO: NGANGITHANDA IMIQHUDELWANO YEZITHUTHUTHU EYINGOZI

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eRiga, idolobha elikhulu laseLatvia. Mina nodadewethu sakhuliswa umama. Nakuba umama engumKatolika, esontweni sasiya kuphela ngamaholidi enkolo. Bengilokhu ngikholelwa kuMdali, kodwa ngesikhathi ngisemusha ngangiphazanyiswa izinto eziningi engangizithanda.

Njengoba ngikhula, umama waqaphela ukuthi ngithanda ukuhlukanisa izinto ngiphinde ngizihlanganise. Njengoba zaziziningi ezinto engangingazihlukanisa, wayehlezi ekhathazekile ngokungishiya ngedwa endlini. Ngakho wanginikeza amathoyizi okwakha izinto eziyinsimbi, engangikujabulela kakhulu ukuwahlukanisa ngiphinde ngiwahlanganise. Okunye engangikuthanda kwakuwukushayela izithuthuthu. Umama wangibhalisa emqhudelwaneni wezithuthuthu ezincane obizwa ngokuthi i-Zelta Mopēds (The Golden Moped). Ngaqala ukuqhudelana ngezithuthuthu ezincane, kamuva ngezithuthuthu ezinkulu.

Nganginekhanda elilula futhi ngokushesha ngaba umpetha kulo mdlalo osheshayo noyingozi. Ngaphumelela izikhathi eziningana emiqhudelwaneni yezithuthuthu yezigaba ezihlukahlukene yaseLatvia, ngaphumelela kabili kuyiBaltic States Superbike Championship.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Lapho sengiyisihlabani kulo mdlalo, u-Evija intombi yami (kamuva owaba inkosikazi yami) wahlangana noFakazi BakaJehova. Wayethole enye yezincwadi zabo enesigqebhezana sokucela ukufundelwa iBhayibheli. Wasigcwalisa wasithumela. Ngokushesha kwafika oFakazi ababili, waqala ukufunda nabo iBhayibheli. Ngangingenanxa nalokho, kodwa ngaleso sikhathi ngangingenaso isifiso sokufunda iBhayibheli.

Kamuva, oFakazi bangicela ukuba ngibe khona lapho befunda no-Evija ukuze ngilalele. Ngavuma futhi ngakuthanda lokho engakuzwa. Okwangithinta inhliziyo kakhulu, isithembiso seBhayibheli somhlaba oyipharadesi. Ngokwesibonelo  bangifundela amaHubo 37:10, 11 athi: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” Leso sithembiso sangikhanga kakhulu.

Uthando lwami ngeBhayibheli lwaqhubeka lukhula. Ngaqala ukubona ukuthi izimfundiso eziningi zenkolo zingamanga. Ngokuphambene nalokho, izimfundiso zeBhayibheli zangihlaba umxhwele ngoba zazinengqondo futhi zicacile.

Njengoba ngangiqhubeka ngitadisha iBhayibheli, ngafunda ukuthi uJehova ukwazisa kakhulu ukuphila nokuthi kuyigugu kuye. (IHubo 36:9) Lokho kwashintsha indlela engibheka ngayo umqhudelwano wezithuthuthu—ngangingasafuni ukubeka ukuphila kwami engozini. Kunalokho ngangifuna ukusebenzisa ukuphila kwami ukuze ngidumise uJehova. Ngakho udumo, impilo yobukhazikhazi nesasasa lokuqhudelana ngezithuthuthu kwakungasabalulekile kimi.

Ngabona ukuthi ngikweleta uJehova, uMniki-kuphila

Ngo-1996, ngaya emhlanganweni wezizwe woFakazi BakaJehova eTallinn, e-Estonia budebuduze nenkundla engangivame ukuqhudelana kuyo. Emhlanganweni, ngabona abantu ababevela emazweni ahlukahlukene behlangene ndawonye ngobunye nangokuthula. Ngokwesibonelo, lapho omunye uFakazi elahlekelwa isikhwama semali, ngacabanga ukuthi ngeke aphinde asithole. Nokho, kungakabiphi, satholwa uFakazi othile futhi wasibuyisela kumnikazi waso sinjengoba besinjalo. Ngamangala kakhulu! Lokho kwangenza ngaqonda ukuthi ngempela oFakazi baphila ngokuvumelana nemithetho yeBhayibheli. Mina no-Evija saqhubeka sithuthuka ezifundweni zethu zeBhayibheli futhi ngo-1997 sabhapathizwa njengoFakazi BakaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Abanye babangane bami engangiqhudelana nabo ngezithuthuthu sebafa ngenxa yokuphila ukuphila okusheshayo nokungalawuleki. Ukufunda iBhayibheli kungenze ngabona ukuthi ngikweleta uJehova, uMniki-kuphila. Cishe ukuqonda lokho kwasindisa ukuphila kwami.

Mina no-Evija siye sajabulela ukukhonza iminyaka emine njengezikhonzi zesikhathi esigcwele ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eRiga. Manje sijabulela ukukhulisa indodakazi yethu u-Alise nokuyisiza ukuba ikhule ithanda uJehova. Nginanelungelo lokusebenza usuku olulodwa isonto ngalinye ehhovisi lokuhumusha, ngilungisa izimoto nezinye izinto eziphukile. Kungijabulisa kakhulu ukusebenzisa kahle amakhono engawafunda ngiseyingane! Yebo, namanje ngisazihlukanisa izinto ngiphinde ngizihlanganise.

Lokho engakufunda eBhayibhelini kungenza ngilazise kakhulu ilungelo lokushumayela nomndeni wami ngokuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Ngempela isithembiso somhlaba oyipharadesi sakushintsha ukuphila kwami!