Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayahlanganyela Ekuxubeni Izinkolo?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayahlanganyela Ekuxubeni Izinkolo?

 NjengoFakazi BakaJehova, siyakujabulela ukuxoxa nabantu bazo zonke izinkolo ngezindaba ezimayelana nokukholwa, kodwa asihlanganyeli ekuxubeni izinkolo ngomqondo wokukhonza ndawonye nalabo abanezinkolelo ezihlukile kwezethu. IBhayibheli libonisa ukuthi amaKristu eqiniso ‘ahlanganiswé ndawonye ngokuvumelanayo,’ futhi ingxenye ebalulekile yalokho kuvumelana ukuba munye ezinkolelweni. (Efesu 4:16; 1 Korinte 1:10; Filipi 2:2) Lokhu kuhilela okungaphezu kokumane sivumelane ngokubaluleka kwezimfanelo ezinhle ezinjengothando, ukuzwelana nokuthethelela. Izinkolelo zethu zisekelwe olwazini olunembile oluseBhayibhelini. Ngaphandle kwalolo lwazi, ukholo lwethu beluyoba yize.​—Roma 10:2, 3.

 IBhayibheli lifanisa ukuhlanganyela nabantu bezinye izinkolo ekukhonzeni uNkulunkulu nokuboshelwa ejokeni elilodwa, obekungalulimaza ukholo lomKristu ngenxa yokungafani kwezinkolelo. (2 Korinte 6:14-17) Ngakho, uJesu akazange avumele abafundi bakhe bahlanganyele ekuxubeni izinkolo. (Mathewu 12:30; Johane 14:6) Ngokufanayo, uMthetho uNkulunkulu awunika ama-Israyeli ngoMose wawuwanqabela ama-Israyeli asendulo ukuba ahlanganyele nezizwe ezingomakhelwane ekukhonzeni. (Eksodusi 34:11-14) Ama-Israyeli athembekile alwenqaba usizo olwaluzobangela ukuba azihlanganise nabantu abanezinkolelo ezihlukile kwezawo.​—Ezra 4:​1-3.

Ingabe oFakazi BakaJehova bayaba nezingxoxo nabantu bezinye izinkolo?

 Yebo. Empeleni, phakathi nonyaka 2022 sasebenzisa amahora 1 501 797 703 sixoxa nabantu bezinye izinkolo. Njengomphostoli uPawulu, siyakuthanda ukuqonda indlela yokucabanga nezinkolelo zabantu “abaningi” lapho sishumayela. (1 Korinte 9:19-22) Lapho sixoxa nabantu, sizama ngobuqotho ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli sokubonisa abanye ‘inhlonipho ejulile.’​—1 Petru 3:15.