Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 SONDELA KUNKULUNKULU

‘UJehova Wanithethelela Ngokukhululekile’

‘UJehova Wanithethelela Ngokukhululekile’

“Umuntu ongakwazi ukuthethelela abanye ubhidliza ibhuloho okumelwe naye awele ngalo.” La mazwi, ashiwo u-Edward Herbert isazi-mlando saseBrithani sangekhulu le-17 leminyaka, agcizelela esinye sezizathu ezenza kudingeke ukuba sithethelele abanye: Nathi singase sidinge ukuthethelelwa. (Mathewu 7:12) Nokho, kunesizathu esibaluleke kakhulu kunaleso sokuba sithethelele. Phawula amazwi omphostoli uPawulu akweyabaseKolose 3:13.—Yifunde.

Ngenxa yokuthi sonke asiphelele, kungenzeka ngezinye izikhathi sibacasule abanye, nabo bangase basicasule. (Roma 3:23) Singahlalisana kanjani-ke ngokuthula nabanye abantu abangaphelele? Ephefumulelwe uNkulunkulu, uPawulu usiyala ukuba sibe ababekezelayo nabathethelelayo. Leso seluleko sisasebenza nanamuhla njengoba sasisebenza ngesikhathi sibhalwa eminyakeni engaba izinkulungwane ezimbili ezidlule. Ake siwahlolisise la mazwi kaPawulu.

“Qhubekani nibekezelelana.” Amazwi athi “qhubekani nibekezelelana” ahumusha igama lesiGreki elisikisela ukubheka kade. Enye incwadi ithi amaKristu abonisa le mfanelo “ngokuzimisela ukubekezelela labo abanamaphutha noma izimfanelo eziwacasulayo.” Igama elithi “nibekezelelana” lisitshela ukuthi lokhu kubekezela kumelwe kwenziwe nhlangothi zombili. Okusho ukuthi, uma sikhumbula ukuthi sinezici ezingase zibacasule abanye, ngeke sivumele izinto esingase singazithandi kwabanye ukuba ziphazamise ukuthula phakathi kwethu nabo. Kodwa kumelwe senze njani uma besona?

“Qhubekani . . . nithethelelana ngokukhululekile.” Ngokwesinye isazi, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘thethelela ngokukhululekile’ “akulona igama elivamile elisho ukuxolela noma ukuthethelela kodwa igama elijulile eligcizelela umusa ohambisana nalokho kuthethelela.” Enye incwadi ithi leli gama lingase lisho “ukuphana ngento ejabulisayo, umusa, okuthile okuzuzisayo.” Sizibonisa singabantu abanomusa ngokuthethelela ngokuzithandela ngisho noma ‘sinesizathu sokukhononda ngomunye nomunye.’ Kodwa kungani kufanele sizimisele ukubonisa umusa onjalo? Esinye isizathu ukuthi nathi singase sikudinge ukuthethelelwa osonile.

“Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.” Nasi isizathu esikhulu kunazo zonke sokuba sithethelele abanye: UJehova uNkulunkulu usithethelela ngokukhululekile. (Mika 7:18) Ake uthi ukucabanga ngomusa omkhulu uJehova awubonisa izoni eziphendukayo. Ngokungafani nathi, uJehova akoni. Nokho, uzithethelela ngokuzithandela nangokuphelele izoni eziphendukayo ngisho noma azi ukuthi yena akasoze awudinga umusa wokuthethelelwa yilezo zoni. Ngempela, uJehova uyisibonelo esingcono kunazo zonke somuntu ozithethelela ngokukhululekile izoni eziphendukayo!

UJehova uyisibonelo esingcono kunazo zonke somuntu ozithethelela ngokukhululekile izoni eziphendukayo!

Isihe sikaJehova sisisondeza kuye futhi sisibangela ukuba sifune ukumlingisa. (Efesu 4:32–5:1) Kuhle-ke sizibuze, ‘Njengoba uJehova engithethelela ngomusa kangaka, ngingamgodlela kanjani intethelelo umuntu ongaphelele ongonile kodwa ophenduka ngobuqotho?’—Luka 17:3, 4.