Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOMAKHELWANE

Ingabe UNkulunkulu Unendaba Nokuhlupheka Kwethu?

Ingabe UNkulunkulu Unendaba Nokuhlupheka Kwethu?

Ngezansi kunengxoxo uFakazi kaJehova angase abe nayo nomakhelwane wakhe. Ake sithi uFakazi ogama lakhe linguPhumelele uxoxa noZandile.

KUNGANI EKUVUMELA UKUBA KWENZEKE?

UPhumelele: Namuhla ngixoxa nabantu bakule ndawo ngaleli pheshana. Lithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? Nanti elakho.

UZandile: Likhuluma ngeBhayibheli?

UPhumelele: Yebo. Phawula ukuthi linemibuzo eyisithupha ngaphandle. Imuphi kuyo—

UZandile: Yima kancane. Angifuni ukukuchithela isikhathi.

UPhumelele: Kungani usho njalo?

UZandile: Eqinisweni nje angazi noma ngiyakholelwa yini kuNkulunkulu.

UPhumelele: Ngiyabonga ukuthi ukhulume iqiniso ungichazele indlela ozizwa ngayo. Ake ngibuze, ubulokhu uzizwa kanjalo yini?

UZandile: Cha, ngikhule ngiya esontweni. Kodwa ngayeka kudala.

UPhumelele: Ngiyabona. Ungixolele ngikhohlwe ukukutshela igama lami. NginguPhumelele.

UZandile: Mina nginguZandile.

UPhumelele: Oh, ngiyabonga.

UZandile: Kulungile.

UPhumelele: Angiqondile ukukuphoqa ukuba wamukele izinkolelo zami. Ukuthi kunokuthile engifisa ukukwazi. Kukhona yini ongangitshela kona okwakwenza wangabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona?

UZandile: Kukhona. Umama waba sengozini yemoto eminyakeni engu-17 edlule.

UPhumelele: Kwaze kwakubi lokho. Walimala yini?

UZandile: Walimala impela, wakhubazeka kusukela lapho.

UPhumelele: Hawu, kwakubi. Kumelwe ukuba kukuzwisa ubuhlungu lokho.

UZandile: Impela. Ngihlale ngizibuza ukuthi uma uNkulunkulu ekhona kungani evumele ukuba lokhu kwenzeke? Kungani uNkulunkulu engavumela ukuba sihlupheke kangaka?

KUBI YINI UKUBUZA UKUTHI KUNGANI?

UPhumelele: Iyaqondakala indlela ozizwa ngayo nesizathu semibuzo yakho. Uma sihlupheka, kungokwemvelo ukuzibuza ukuthi kungani. Eqinisweni, ngisho nabantu abathembekile bangezikhathi zeBhayibheli babeke bazibuze leyo mibuzo!

UZandile: Ngempela?

UPhumelele: Yebo. Ungathanda yini ngikubonise isibonelo eBhayibhelini?

UZandile: Ngicela ungibonise.

UPhumelele: Bheka ukuthi umprofethi uHabakuki wathini kuNkulunkulu, la kuHabakuki, isahluko 1, amavesi 2 no-3: “O Jehova, kuyoze kube nini ngikhalela usizo, kodwa wena ungezwa? Kuyoze kube nini ngicela usizo kuwe ebudloveni, kodwa wena ungasindisi? Kungani ungenza ngibone okulimazayo?” Ingabe le mibuzo iyefana nalena obulokhu uzibuza yona?

UZandile: Iyefana

UPhumelele: UNkulunkulu akazange amthethise uHabakuki ngokubuza leyo mibuzo, noma amtshele ukuthi kudingeka abe nokholo olwengeziwe.

UZandile: Kuyamangaza-ke lokhu.

UJEHOVA UYAKUZONDA UKUHLUPHEKA

UPhumelele: IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uyakubona ukuhlupheka kwethu futhi kuyamkhathaza.

UZandile: Usho ukuthini?

UPhumelele: Ake ngikubonise isibonelo salokho ku-Eksodusi 3:7. Ngicela ungifundele leli vesi.

UZandile: Kulungile. Lithi: “UJehova wanezela: ‘Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yalabo ababacindezela ngomsebenzi; ngoba ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.’”

 UPhumelele: Ngiyabonga. Ngokwaleli vesi, ingabe uNkulunkulu uyakubona ukuhlupheka kwabantu bakhe?

UZandile: Yebo, sengathi kunjalo.

UPhumelele: Akagcini nje ngokubona lokho okwenzekayo. Ngicela uphinde ubheke ingxenye yokugcina kuleli vesi. UNkulunkulu wathi: “Ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo.” Ingabe la mazwi avela kuNkulunkulu ongenandaba noma olukhuni?

UZandile: Cha akunjalo.

UPhumelele: Uqinisile, ukumane nje ubone okwenzekayo kuhlukile kunokukubona bese kuyakushukumisa—kuveze imizwa ethile.

UZandile: Yiqiniso.

UPhumelele: Usacabanga ngalokho, ake sifunde ngenye indaba ngesikhathi abantu bakaNkulunkulu behlupheka. Ilotshwe ku-Isaya 63:9. Ngasekuqaleni leli vesi lithi: “Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye.” Ngakho, ungasho yini ukuthi kwakumthinta uNkulunkulu ukuhlupheka kwabantu bakhe?

UZandile: Yebo, kuzwakala kanjalo.

UPhumelele: Zandile iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu uyasikhathalela kakhulu futhi akathandi ukusibona sihlupheka. Lapho sizwa ubuhlungu, uzwelana nathi.

KUNGANI ENGASITHATHI ISINYATHELO?

UPhumelele: Ngaphambi kokuba ngihambe, kukhona engifuna ukukubonisa khona.

UZandile: Akunankinga.

UPhumelele: Cabanga ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ngamandla kaNkulunkulu. Ivesi engilicabangayo uJeremiya 10:12. Ngicela ulifunde.

UZandile: Kulungile. Lithi: “UnguMenzi womhlaba ngamandla akhe, Lowo ngokuhlakanipha kwakhe olimisa liqine izwe elikhiqizayo, naLowo owawelula amazulu ngokuqonda kwakhe.”

UPhumelele: Ngiyabonga. Ake sicabange ngalokho okushiwo yileli vesi. Ingabe uNkulunkulu wayezodinga amandla amaningi ukuze adale konke okukhona endaweni yonke?

UZandile: Akubuzwa phela lokho.

UPhumelele: Manje-ke, uma uNkulunkulu enamandla okudala yonke into esiyibonayo, kufanele silindele ukuba abe namandla okulawula akudalile. Akunjalo?

UZandile: Kunjalo.

UPhumelele: Ake uphinde ucabange ngomama wakho. Kungani kukuphatha kabi ukumbona izwa ubuhlungu?

UZandile: Ngoba ngiyamthanda, futhi-ke umama wami.

UPhumelele: Ukube ubunamandla okumphulukisa namhlanje, ubungamphulukisa yini?

UZandile: Nakanjani.

UPhumelele: Cabanga ukuthi kusho ukuthini lokho. IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uyakubona ukuhlupheka kwethu, uzwelana nathi futhi unamandla angenamkhawulo. Cabanga-ke ukuthi kudingeka ukuzibamba okungakanani kuNkulunkulu ukuze angasithathi ngokushesha isinyathelo sokuqeda ukuhlupheka.

UZandile: Kusha-ke lokhu kimi.

UPhumelele: Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu unezizathu ezizwakalayo ezenza avumele izinto ziqhubeke ngale ndlela? *

UZandile: Hmm, kungenzeka.

UPhumelele: Oh, ngoba nakhu ucingo lwakho luyakhala, ngicela ukubuya ngelinye ilanga sizoxoxa ngale ndaba.

UZandile: Ngiyabonga. Ngingakujabulela lokho. *

Ikhona yini into eseBhayibhelini ozibuza ngayo? Ingabe ufuna ukwazi ngezinkolelo nezinto ezenziwa oFakazi BakaJehova? Uma kunjalo, ungangabazi ukubuza omunye woFakazi BakaJehova. Uyokujabulela ukuphendula imibuzo yakho.

^ isig. 61 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 64 Isihloko esilandelayo kulolu chungechunge sizodingida isizathu esenza uNkulunkulu avumele ukuhlupheka.