Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungayethemba Yini Inkolo Ngokuphathelene Nempi?

Ungayethemba Yini Inkolo Ngokuphathelene Nempi?

U-Alberto waba yisosha iminyaka ecishe ibe yishumi. Uyakhumbula: “Umfundisi wethu wayesibusisa, athi ‘UNkulunkulu abe nani.’ Kodwa ngacabanga, ‘Ngiyobulala, kodwa iBhayibheli lithi, “ungabulali.”’”

URay wayeyisosha lasolwandle phakathi neMpi Yezwe II. Ngelinye ilanga wabuza umfundisi: “Uza kithi emkhunjini uzothandazela ibutho ukuba linqobe. Izitha zethu azinaye yini zona umfundisi ozithandazelayo?” Umfundisi wangiphendula ngokuthi iNkosi isebenza ngezindlela ezingaqondakali.

Uma ingakwanelisi le mpendulo, yazi ukuthi awuwedwa.

LIFUNDISANI IBHAYIBHELI?

UJesu wathi omunye wemiyalo kaNkulunkulu omkhulu kunayo yonke ‘ukuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ (Marku 12:31) Ingabe uJesu wathi kumelwe sithande umakhelwane wethu ohlala endaweni esihlala kuyo noma wohlanga lwethu kuphela? Cha. Watshela abafundi bakhe: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:34, 35) Uthando lwabo ngomunye nomunye lwaluyoba lukhulu kangangokuthi lwaluyoba uphawu ababonakala ngalo. Kunokuba babulalane babeyokhetha ukufelana.

AmaKristu okuqala aphila ngokuvumelana namazwi kaJesu. I-Encyclopedia of Religion ithi: “Ofata bokuqala, kuhlanganise uTertullian no-Origen, bakufakazela ukuthi amaKristu ayenqatshelwe ukubulala, okuwumthetho owawuwavimbela ukuba abe amasosha ebuthweni lamaRoma.”

OFAKAZI BAKAJEHOVA BENZA KANJANI KULE NDABA?

Njengoba oFakazi BakaJehova betholakala cishe kuwo wonke umhlaba, amalungu abo azithola ephakathi kwezizwe ezilwayo. Noma kunjalo, benza konke okusemandleni ukuze bahlale bebonakalisa uthando oluwuphawu lwabo.

Ingabe abaholi benkolo bafundisa amaKristu eqiniso ukuthandana?

Ngokwesibonelo, ngo-1994 lapho kunempi yobuhlanga phakathi kwamaHutu namaTutsi eRwanda, oFakazi BakaJehova abazange bathathe hlangothi. OFakazi abangamaHutu babefihla oFakazi abangamaTutsi, befaka ukuphila kwabo engozini. Lapho oFakazi ababili abangamaHutu ababefihle abafowabo abangamaTutsi bebanjwa, izidlamlilo ze-Interahamwe ezingamaHutu zathi, “Kumelwe nife ngoba nisize amaTutsi ukuba abaleke.” Ngokudabukisayo, bobabili lab’ oFakazi abangamaHutu babulawa.—Johane 15:13.

Ucabangani: Ingabe okwenziwa oFakazi BakaJehova kuyavumelana namazwi kaJesu aphathelene nothando lokuzidela?