Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Singaphila yini phakade?

Iliphi ilungiselelo eliyosikhulula ekufeni?

Umuntu wokuqala, u-Adamu, waphila amakhulu eminyaka. Kodwa ekugcineni, waguga futhi wafa. Kusukela ngaleso sikhathi, abantu baye bazama izindlela eziningi zokuvimbela ukuguga. Kodwa akekho oye wakwazi ukubalekela ukufa. Kungani? U-Adamu waguga futhi wafa ngoba wona ngokungamlaleli uNkulunkulu. Siyaguga ngoba sathola isono ngofuzo ku-Adamu nesijeziso saso, ukufa.—Funda uGenesise 5:5; amaRoma 5:12.

Ukuze sithole ukuphila okuphakade, kudingeka sithole umuntu ozokhokha inani lesihlengo. (Jobe 33:24, 25) Isihlengo siyimali ekhokhwayo ukuze kukhululwe othile, thina sidinga isihlengo ukuze sikhululwe ekufeni. (Eksodusi 21:29, 30) UJesu wakhokha isihlengo lapho esifela.—Funda uJohane 3:16.

Singakuthola kanjani ukuphila okuphakade?

Akuyena wonke umuntu oyokhululwa ekuguleni nasekugugeni. Empeleni, abantu abangamlaleli uNkulunkulu, njengoba kwenza u-Adamu, bazolahlekelwa ilungelo lokuphila. Abantu abathethelelwe izono zabo kuphela abayothola ukuphila okuphakade.—Funda u-Isaya 33:24; 35:3-6.

Ukuze sithethelelwe, kumelwe senze okuthile. Kudingeka sazi uNkulunkulu ngokutadisha iZwi lakhe, iBhayibheli. Lisifundisa indlela engcono kakhulu yokuphila nendlela esingathola ngayo umusa kaNkulunkulu nokuphila okuphakade.—Funda uJohane 17:3; izEnzo 3:19.