Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LIKHULUMA NGANI IBHAYIBHELI?

Kungani Kufanele Uthande Ukufunda IBhayibheli?

Kungani Kufanele Uthande Ukufunda IBhayibheli?

IBhayibheli liyincwadi edume kunazo zonke emhlabeni. Kungani? Kungoba kulula ukuliqonda. Liqukethe izindaba ezenzeka ngokoqobo ekuphileni kwabantu nendlela ababesebenzelana ngayo nabanye kanye noNkulunkulu. Lezi zindaba zinezifundo eziwusizo futhi zisebenzisa amagama alula naqondile angahunyushelwa ezilimini eziningi futhi aqondwe abantu abahlala nomaphi noma nakunoma iyiphi inkathi. Izimiso zeBhayibheli aziphelelwa isikhathi.

Okubaluleke nakakhulu, iBhayibheli lithi aliyona nje incwadi ekhuluma ngoNkulunkulu kodwa futhi liyincwadi evela kuye. Lembula igama likaNkulunkulu, ubuntu bakhe nenjongo yakhe engaguquki yokudala umhlaba nabantu. Lilandisa nangomlando wokungqubuzana phakathi kobuhle nobubi: indaba ethakazelisayo ethinta indawo yonke, enesiphetho esijabulisayo. Ngakho ukufunda iBhayibheli ngomqondo ovulekile kubeka isisekelo sokholo nethemba.

EBhayibhelini sithola ulwazi olungatholakali kwenye indawo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela iqiniso ngezindaba ezinjengalezi:

  • Imvelaphi yethu nembangela yokuhlupheka

  • Ilungiselelo likaNkulunkulu lokuhlenga abantu

  • Lokho uJesu asenzela kona

  • Ikusasa lomhlaba nabantu

Sicela ukuba uhlole la makhasi alandelayo bese uhlola lokho iBhayibheli elikhuluma ngakho.