Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Likhona yini ithemba ngabafileyo?

Ukufa kufana nokulala, abafileyo abezwa lutho futhi ngeke benze lutho. Nokho, uMdali angababuyisela ekuphileni ngokubavusa. Efakazela lokho, uNkulunkulu wanikeza uJesu amandla okuvusa abantu abambalwa ababefile.—Funda uMshumayeli 9:5; Johane 11:11, 43, 44.

Ukufa kufana kanjani nokulala?

UNkulunkulu uthembisa ukuthi abafileyo abasenkumbulweni yakhe bayovuselwa ekuphileni ezweni elisha lokulunga. Labo abayovuswa kumelwe balinde ethuneni kuze kube yilapho uNkulunkulu ephinde ebabuyisela ekuphileni. UNkulunkulu uMninimandla onke uyakulangazelela ukusebenzisa amandla akhe ukubabuyisela ekuphileni abafileyo.—Funda uJobe 14:14, 15.

Luyoba njani uvuko?

Lapho uNkulunkulu evusa abantu, bayokwazi ukuzibona, babone abangane babo nemindeni yabo. Nakuba umzimba womuntu ubola, uNkulunkulu angamvusa lowo muntu esenomzimba omusha.—Funda eyoku-1 Korinte 15:35, 38.

Abambalwa bavuselwa ekuphileni kwasezulwini. (IsAmbulo 20:6) Abantu abaningi abayovuswa bayobuyela ekuphileni epharadesi elibuyiselwe emhlabeni. Laba bayonikwa ithuba lokuqala kabusha, benethemba lokuphila phakade.—Funda iHubo 37:29; izEnzo 24:15.