Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Abantu Abaningi Babengizonda”

“Abantu Abaningi Babengizonda”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1978

  • IZWE AZALELWA KULO: ICHILE

  • UMLANDO: WAYENOBUDLOVA OBEDLULELE

UKUPHILA KWAMI:

Ngakhulela eSantiago, inhloko-dolobha yaseChile, endaweni lapho izidakamizwa, amaqembu ezigelekeqe kanye nobugebengu kwakudlange khona. Lapho ngineminyaka emihlanu, ubaba wabulawa. Ngemva kwalokho, umama wahlala nendoda eyayinonya. Yayivame ukusishaya sobabili. Namanje ngisenezibazi ezingokomzwelo ezaqala ngaleyo minyaka.

Njengoba ngangikhula, uma izinto zingahambi kahle ngangiba nobudlova obedlulele. Ngangilalela umculo onesigqi esinamandla, ngiphuza ngokweqile, futhi ngezinye izikhathi ngangidla izidakamizwa. Ngangihlale ngisezimpini zasemgwaqweni ngilwa nabadayisa izidakamizwa, abazama izikhathi eziningi ukungibulala. Ngesinye isikhathi, iqembu lezigelekeqe esasingezwani nalo laqasha umsocongi owaziwayo ukuba angibulale, kodwa ngakwazi ukuphunyuka nginenxeba lokugwazwa kuphela. Kwesinye isenzakalo, iqembu labadayisa izidakamizwa langibeka isibhamu ekhanda lazama nokungilengisa.

Ngo-1996, ngathandana nowesifazane ogama lakhe uCarolina kwathi ngo-1998, sashada. Ngemva kokuzalwa kwendodana yethu yokuqala, ngafikelwa ukwesaba ngenxa yokuthi uma sengicasukile ngangiba nobudlova, ngangesaba ukuthi ngizofana nosingababa futhi ngihlukumeze umndeni wami. Ngakho ngafuna usizo esikhungweni sendawo sokuhlumelelisa izimilo. Ngathola ukwelashwa nokwelulekwa, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ngaqhubeka ngithukutheliswa yizo zonke izinto ezincane; ngangingalawuleki. Ukuze ngiyeke ukuhlukumeza umndeni wami ngazama ukuzibulala. Ngiyabonga ngoba ngehluleka.

Ngase ngineminyaka eminingi ngiphika ukuthi uNkulunkulu ukhona, kodwa ngangifuna ukukholelwa kuye. Ngakho ngasonta enkolweni yabavangeli okwesikhathi esithile. Phakathi naleso sikhathi, umkami wafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngangibazonda oFakazi, futhi izikhathi eziningi ngangibachapha ngenhlamba. Kodwa babesabela ngendlela enokuthula njalo, okuyinto engangingayilindele.

Ngolunye usuku, uCarolina wangicela ukuba ngifunde iHubo 83:18 eBhayibhelini lami. Lelo vesi lisho ngokucacile ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova. Ngamangala ukubona ukuthi  enkolweni yami ngangizwe ngonkulunkulu, kodwa hhayi ngoJehova. Ekuqaleni kuka-2000, ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Njengoba ngangithuthuka, ngakuthola kududuza ukwazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu onesihawu futhi othethelelayo. Ngokwesibonelo, ku-Eksodusi 34:6, 7, iBhayibheli lichaza ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso, olondolozela abayizinkulungwane umusa wothando, oxolela isiphambeko neseqo nesono.’

Kwangiduduza ukuzwa ukuthi uJehova unguNkulunkulu onesihe futhi othethelelayo

Noma kunjalo, kwakungelula ukusebenzisa engangikufunda. Ngangiqiniseka ukuthi ngangingasoze ngakwazi ukulawula isimo sami sokuba nobudlova. Isikhathi ngasinye lapho ngihluleka, uCarolina wayengikhuthaza ngothando. Wayengikhumbuza ukuthi uJehova uyayiqaphela imizamo yami. Ukusekela kwakhe kwangiqinisa ukuba ngiqhubeke ngizama ukujabulisa uJehova nakuba ngokuvamile ngangizizwa ngiyisehluleki.

Ngolunye usuku, umuntu owayengifundisa, u-Alejandro, wangicela ukuba ngifunde eyabaseGalathiya 5:22, 23. Lawo mavesi athi izithelo zomoya kaNkulunkulu “uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.” U-Alejandro wangichazela ukuthi ukuba nalezo zimfanelo kwakungaxhomekile emandleni ami siqu, kodwa kwakuxhomeke emoyeni ongcwele kaNkulunkulu. Lelo qiniso lawushintsha ngokuphelele umbono wami!

Kamuva, ngaya emhlanganweni omkhulu woFakazi BakaJehova. Ukuhleleka, ukuhlanzeka nobudlelwane engabubona lapho kwangiqinisekisa ukuthi ngithole inkolo yeqiniso. (Johane 13:34, 35) Ngabhapathizwa ngo-February 2001.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

UJehova uye wangiguqula ngasuka ekubeni umuntu onobudlova ngaba umuntu onokuthula. Ngizizwa sengathi ungitakule odakeni obelungibambile. Abantu abaningi babengizonda futhi angibasoli. Kodwa manje, ngijabulela ukukhonza uJehova ngokuthula ngikanye nomkami namadodana ethu amabili.

Izihlobo zami nalabo ababengabangane bami abayikholwa indlela engishintshe ngayo. Ngenxa yalokho, abaningana kubo sebeye bathanda ukufunda iqiniso leBhayibheli. Futhi ngiye ngaba nelungelo lokusiza abanye babo ukuba bazi uJehova. Ave kuyinjabulo ukubona iqiniso leBhayibheli lishintsha nokwabo ukuphila!