Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Iqiniso NgoNkulunkulu NoKristu

Iqiniso NgoNkulunkulu NoKristu

Nakuba abantu bekhulekela onkulunkulu abaningi, kunoNkulunkulu oyedwa weqiniso. (Johane 17:3) ‘UPhakeme Kunabo Bonke,’ unguMdali wezinto zonke noMthombo wakho konke ukuphila. Uyena yedwa okufanelekelayo ukuba simkhonze.—Daniyeli 7:18; IsAmbulo 4:11.

Ungubani UNkulunkulu?

Igama likaNkulunkulu liyavela emibhalweni yokuqala IZIKHATHI EZINGABA NGU-7 000

JEHOVA Igama likaNkulunkulu

NKOSI, NKULUNKULU, BABA​—Ezinye iziqu zikaJehova

Ubani Igama LikaNkulunkulu? UNkulunkulu ngokwakhe uthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Isaya 42:8) Igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 eBhayibhelini. Nokho, izinguqulo eziningi zeBhayibheli zalikhipha ngokungafanele leli gama zafaka isiqu esinjengesithi “Nkosi.” UNkulunkulu ufuna ube umngane wakhe, ngakho ukukhuthaza ukuba ‘ubize igama lakhe.’—IHubo 105:1.

Iziqu ZikaJehova. IBhayibheli libhekisela kuJehova lapho lisebenzisa iziqu ezithi “Nkulunkulu,” “Mninimandla Onke,” “Mdali,” “Baba,” “Nkosi,” nesithi “Mbusi.” Kunemithandazo eminingi ebhalwe eBhayibhelini lapho uJehova ebizwa ngesiqu sakhe esihloniphekile nangegama lakhe elithi Jehova.—Daniyeli 9:4.

Isimo SikaNkulunkulu. UNkulunkulu ungumoya. (Johane 4:24) IBhayibheli liyakuqinisekisa ukuthi “akekho umuntu oye wabona uNkulunkulu.” (Johane 1:18) IBhayibheli liveza indlela azizwa ngayo. Abantu bangamenza adumale noma bangamenza ‘ajabule.’—IzAga 11:20; IHubo 78:40, 41.

Ubuntu BukaNkulunkulu Obumangalisayo. Kubantu bazo zonke izizwe nezizinda uNkulunkulu akakhethi. (IzEnzo 10:34, 35) Uphinde abe umuntu “onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso.” (Eksodusi 34:6, 7) Nokho, kunezimfanelo ezine zikaNkulunkulu ezithandeka ngokukhethekile.

Amandla. Njengoba ‘enguNkulunkulu uMninimandla Onke,’ unamandla angapheli okufeza noma yini ayithembisayo.—Genesise 17:1.

Ukuhlakanipha. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kudlula okwanoma ngabe ubani. Ngalowo mqondo iBhayibheli lithi “nguye yedwa ohlakaniphile.”—Roma 16:27.

Ubulungisa. UNkulunkulu uhlale enza izinto ezilungile. Izenzo zakhe ‘ziphelele’ futhi ‘akukho ukungabi nabulungisa kuye.’—Duteronomi 32:4.

Uthando. IBhayibheli lithi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) UNkulunkulu akagcini ngokubonisa uthando—uwukwenziwa samuntu kothando. Izenzo zakhe zothando ziqondisa zonke izinto azenzayo futhi lokho kusizuzisa ngezindlela eziningi.

Ubungane BukaNkulunkulu Nabantu. UNkulunkulu unguBaba wethu wasezulwini onothando. (Mathewu 6:9) Singaba abangane bakhe uma siba nokholo kuye. (IHubo 25:14) Empeleni, uNkulunkulu ukumema ukuba usondele kuye ngomthandazo futhi ‘uphonse zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe, ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7; Jakobe 4:8.

UKristu Uhluke Ngani KuNkulunkulu?

UJesu Akasiye UNkulunkulu. UJesu uhlukile—nguyena kuphela owadalwa uNkulunkulu ngokuqondile. Yingakho iBhayibheli limbiza ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu. (Johane 1:14) Ngemva kokudala uJesu, uJehova wasebenzisa izibulo lakhe ‘njengesisebenzi esiyingcweti’ ukuze adale zonke izinto kanye nawo wonke umuntu.—IzAga 8:30, 31; Kolose 1:15, 16.

UJesu akakaze azibize ngokuthi unguNkulunkulu. Kunalokho, wachaza: “Ngingummeleli ovela kuye [uNkulunkulu], Yena ungithumile.” (Johane 7:29) Lapho ekhuluma nomunye wabafundi bakhe, uJesu wabiza uJehova ngokuthi ‘uBaba wami noYihlo’ nangokuthi “uNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” (Johane 20:17) Ngemva kokufa kukaJesu, uJehova wamvusela ezulwini, wamnika negunya elikhulu ngakwesokunene Sakhe.—Mathewu 28:18; IzEnzo 2:32, 33.

UJesu Kristu Angakusiza Usondele KuNkulunkulu

UJesu weza emhlabeni ezosifundisa ngoYise. UJehova wathi ngoJesu: “Lo yiNdodana yami, ethandekayo; mlaleleni.” (Marku 9:7) UJesu umazi kangcono uNkulunkulu ngaphezu kwanoma ubani omunye. Wathi: “Nokuthi uBaba ungubani, akekho owaziyo ngaphandle kweNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambula kuye.”—Luka 10:22.

UJesu ububonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaNkulunkulu. UJesu wabulingisa ngokuseduze ubuntu bukaYise waze wathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Johane 14:9) UJesu wasondeza abantu kuNkulunkulu ngokulingisa uthando lukaYise ngalokho ayekusho nangalokho ayekwenza. Wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Waphinde wathi: ‘Abakhulekeli beqiniso bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso, ngoba ngempela uBaba ufuna abanjalo ukuba bamkhulekele.’ (Johane 4:23) Cabanga nje! UJehova ufuna abantu abafana nawe abafuna ukwazi iqiniso ngaye.