Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Johane 16:33—“Mina Ngilinqobile Izwe”

Johane 16:33—“Mina Ngilinqobile Izwe”

 “Ngisho lezi zinto kini ukuze nibe nokuthula ngenxa yami. Ezweni nizobhekana nosizi, kodwa yibani nesibindi! Mina ngilinqobile izwe.”—Johane 16:33, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Lezi zinto ngizikhulume kini ukuze ngaMi nibe nokuthula. Ezweni nizoba nosizi; kodwa jabulani, mina ngilinqobile izwe.”—Johane 16:33, i-New King James Version.

Incazelo KaJohane 16:33

 Ngala mazwi uJesu uqinisekisa abalandeli bakhe ukuthi nabo bangaphumelela ekujabuliseni uNkulunkulu naphezu kosizi nokuphikiswa.

 “Ngisho lezi zinto kini ukuze nibe nokuthula ngenxa yami a.” Ingxenye esele yevesi ibonisa ukuthi lokhu kuthula akusho ukuthi umuntu akanazo izinkinga. Kunalokho, kuwukuthula kwenhliziyo nokwengqondo. Lokhu kuthula kwangaphakathi kungatholakala “ngenxa” kaJesu, owathembisa ukuthumela umoya ongcwele. Lowo “msizi” onamandla wawuyokwenza abafundi bakaJesu baphumelele kunoma yibuphi ubunzima ababhekana nabo.—Johane 14:16, 26, 27.

 “Ezweni nizobhekana nosizi, kodwa yibani nesibindi!” UJesu wakubeka kwacaca kubafundi bakhe ukuthi babezobhekana nosizi olunjengokuphathwa kabi nokushushiswa. (Mathewu 24:9; 2 Thimothewu 3:12) Noma kunjalo, kwakufanele ‘babe nesibindi,’ noma ‘bangadikibali.’—Johane 16:33, i-New International Version.

 “Mina ngilinqobile izwe.” Lapha igama elithi “izwe” lisho umphakathi wabantu abangamkhonzi uNkulunkulu. b Eyoku-1 Johane 5:19 ithi: “Lonke izwe lisemandleni omubi,” noma uSathane. Ngenxa yalokho, abantu baleli “zwe” bacabanga futhi benze ngendlela ephikisana nentando kaNkulunkulu.—1 Johane 2:15-17.

 USathane nezwe lakhe bazama ukuvimba uJesu ekwenzeni intando kaNkulunkulu eyayihlanganisa ukufundisa abanye ngoNkulunkulu nokunikela ngokuphila kwakhe okungenasono njengesihlengo. (Mathewu 20:28; Luka 4:13; Johane 18:37) Kodwa uJesu akavumanga ukuba izwe lishintshe indlela acabanga ngayo, limenze afulathele uNkulunkulu. Wahlala ethembekile kwaze kwaba sekufeni kwakhe. Yingakho uJesu ayengathi ulinqobile izwe futhi uSathane “umbusi waleli zwe”, ‘akambambanga ndawo.’—Johane 14:30.

 UJesu wasebenzisa isibonelo sakhe ukuze abonise abalandeli bakhe ukuthi nabo bangahlala bethembekile kuNkulunkulu, ngisho nalapho ubuqotho babo buvivinywa. Ngamanye amazwi uJesu wayethi: “Uma mina ngingalinqoba izwe, nani ningakwenza.”

Umongo KaJohane 16:33

 UJesu washo la mazwi ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe. Azi ukuthi usezokufa, wasebenzisa lelo thuba ukuze atshele abaphostoli bakhe abathembekile amazwi okugcina ayiseluleko. Wabatshela amaqiniso okwakudingeka bacabangisise ngawo: Babengeke besambona, futhi babeyoshushiswa baze babulawe. (Johane 15:20; 16:2, 10) Ngenxa yokuthi lokhu kwakungabethusa abafundi bakhe, uJesu waphetha ngamazwi akuJohane 16:33 ukuze abakhuthaze futhi abaqinisekise.

 Amazwi kaJesu nesibonelo sakhe kungabakhuthaza abalandeli bakhe nanamuhla. Wonke amaKristu angahlala ethembekile kuNkulunkulu naphezu kosizi.

a Inkulumo yesiGreki ethi “ngenxa yami” ingahunyushwa nangokuthi “ebunyeni nami.” Idlulisela umqondo wokuthi abafundi bakaJesu babengaba nokuthula uma behlala bemunye.

b Igama elithi “izwe” lisetshenziswe ngomqondo ofanayo kuJohane 15:19 nakweyesi-2 Petru 2:5.